John

Amaphupho amabi

John • 24 Aug 15 03h17

Ngihlala ngiphupha ngigijinyiswa ngabantu abanye ngibajwayele,okungixakayo ukuthi njalo uma bengijaha befuna ukungibulala kuthi lapho sebezongibamba ngivesane ngindizele phezulu ngigasahambi phansi bese behluleka kanjalo ukungibamba ngigcine segiphapheme.okunye okungiphatha kabuhlungu nginokuthi ngiphuphe ubaba wami oshone 2years back ugule isikhathi eside ephethwe izinto zabantu kanye ne ngculaza.ubaba bekungumuntu ozisebenzanyo(self employed)futhi wayenolaka kakhulu kanti ubhiya bekangazwani nawo kodwa ebhema kakhu umthunzi wezinkukhu.ubeyi Welder elidumile endaweni eshiselela nabelungu imbhala.besixabana jalo esaphila ngoba Mina ngiyaphuza ngiyabhema ngifaka ngiwakhipha amantombazana ekhaya angiziqenyi ngalokho kodwa kuzomele ngilikhulume iqiniso uma ngifuna usizo.kodwa ngiye ngashintsha ngazitholela umsebenzi saqala sazwana sino Baba obekade enezimoto ezimbili kodwa zingazi shayeli sdalo.uthe uma esephatheke kakhulu wahluleka ukusebenza engesenamandla futhi engasakhoni ukuhamba kahle,waqala wayinhlupho endaweni ehamba ecela imali yogwayi.Mina kade sengondla umndeni wakithi,izingane zami ezimbili,umama,umfowethu omncane,intombi yakhe kanye nonkosikazi wami.bengingafuni ubaba ukuthi abheme yingakho besingamuniki njalo imali yogwayi.ugulile waze wahluleka ukuhamba esefaka nephampasi,engasakhoni ukwenza lutho futhi engafuni ukuya esibhedlela" kodwa wagcina eseyile nokuyilapho eshonele khona.besesizwana kodwa saphinda saxabana esegula ngenxa yokhuhlupha abantu ngemali ngisho nabangani bami uba bekhona kade ecela imali.ubaba ubezwana nomuntu osebenzayo.uma ngimuphupha ngiphupha elwa nomama okanye Elwa nami.ngesinye isikhathi ngimuphuphe ehleli phambi kwase khaya(front opposite)ebheke umuzi wakhe.ngesinye isikhathi ngimuphupha ekhala ethi akumnandanga lapha ekhona(emathuneni),ngesinye isikhathi ngimuphupha esekhaya ethi ubuyile yena ebengashonanga kodwa samungcwaba ngekani ngoba ebekade engasakhoni ukukhuluma,ngesinye isikhathi ngimphuphe ethi ubuyile singcwabe umuntu okungeyena.Lana endaweni yangakithi kuselokishini kodwa kugcwele ubuthakathi kakhulu kanti nokuthetshulwa kwabantu.Mina angihlali kakhulu ekhaya ngiya kanye okanye kabili ekhaya.izinto zaba zonke ziyaphuka uma sizama ukuzisebenzisa imoto eyodwa yashayisa ngami kodwa ngayilungisa.umama wakhetha ukuyithengisa kwasala eyodwa,yonake ayifunu ukuduma kodwa ubaba azange zamuhlupha.manje cishe ngimuphupha kabili okanye jalo ngenyanga kodwa engeneme,ingabe naye bamuthwebula? Cause he was excellent with welding.uma ngingaphuphi ubaba ngiphupha ngigijinyiswa ngabantu kodwa abangitholi ngoba ngisuke bese ngiyandiza.okunye bathakathi ukuthi besixabana sino Baba ngenxa yesibongo engisisebenzisayo nokungukuthi namanje ngisasebenzisa sona isibongo sakibo mama.kodwa amasiko wakibo Baba ngiwenzile wonke,ekhaya singama Xhosa.ngicelo imibono yenu bathakathi ezongisiza.<p style='font-size:small'>2013@mthakathi South Africa</p>

0 votes
Comments (0)

No comments yet. Be the first to comment!



Related posts
Loading related posts...