Kunomndeni wakwa Ngcobo owakhelene nowakwa Zondi, umama wakwa Ngcobo umaNkosi banezingane ezintathu kanti owaka Zondi umaMngadi banezingane ezimbili. UNgcobo usebenza kude ubuya kathathu onyakeni, manje uZondi usekumhalela umaNkosi ngoba nakhu phela indoda yakhe ihamba kakhulu. Agcine ezijubile uZondi wangenisa manje kumaNkosi, wahlala phansi wacabangisisa umaNkosi ukuth enze njani ngalento kaZondi, wabona kungcono atshele umaMngadi imikhuba yendoda yakhe. UmaMngadi wathi kumaNkosi vuma konke akutshela kona kodwa uma sekufike isikhathi sokuthi nilale ungazise. Kuhambe izinsuku afike futhi umaNkosi athi uthe uzongivakashela ngolwesihlanu, aplane lamakhosikazi ukuth azokwenzenjani ngalolosuku. UZondi atshele umkakhe ukuth ngolwesihlanu uzoba nohambo negenge asebenza nayo, avumele phezulu umkakhe. Bese ethi umaNkosi kuZondi akofika ebusuku uzomvulela ngobumnyama ngoba akafuni izingane zisole. Lwafika usuku benza njengokuxoxa kwabo wangena badlula baya ekamelweni ngobumnyama, akuxoxwa ngoba izingane zizozwa. Yaqala ke inkonzo yasekameleni baze baqeda wabe esehleba uZondi ha kanti umnandi kanje uyaganga uNgcobo ukuth akushiye kangaka. Wakhanyisa ugesi hawu kanti umfazi wakhe umaMngadi amahloni amshaya wafisa nokufa. Kanti lamakhosikazi aplane ukuth umaNkosi akalale nezingane ukuze baqede lendoda ukuhalela izinto zabantu, uZondi wayesemzonda umfazi kaNgcobo. Ake ngibuze bathakathi ubani owaba nephutha phakath kwabo.<p style='font-size:small'>2013@mthakathi South Africa</p>