Sanibona bathakathi indaba yami ime kanje,ngiyibhungu nje elingathandi ukukhuluma kakhulu futhi nokushela akuyona intoyami ngaphandle ke uma ngikuthande ngempela kodwa futhi ngiyashesha ukudikila,owk kunalentombazane engidibana nayo njalo ekuseni uma ngiya emsebenzini,ngathingiqala ukuyibona nje inhliziyo yami yashaya ngamandla,abamaningi amalanga ngilokhu ngidibana nayo inkinga yayo izithwele ayivumi noma ngiyibingelela,hhayi ngigcine sengingayingeni nje nami indaba yayo,langa limbe ngithunywe ubaba ngemoto yakhe eBononi e town liyana izulu kakhulu futhi hhayi kancane,sekumnyamanje isonto,mangithi e renk yase lokishini lam ngibona umuntu ume khona kusho ukuthi ulinde itekisi and ngathi awasekho,ngime ngimubuze ukuthi ngabe uya elokishini na athi yebo,ngithi akagibele,mangithingiyamubheka mameshana yilengane nje ehlezi ingichomela hhayi ngivele nginyanye ngize ngisho ngenhliziyo ukuthi ukube bengiyibonile ngabe ngiyishiyile izitshela kabi lengane,hhayi sambe akekho okhulumisa omunye size sifke elokishini ngibuze ukuthi ihlala ngaphi ingilayele nangempela ngiyishiye esangweni,ithi iyakhokha ngenqabe,ngizihambele ngiyonikeza ubaba lokhu ebengithume khona ngithathe I sambulela ngishone emqhashweni wam.ngizoqhubeka bathakathi kukhona engise busy ngako okwamanje.<p style='font-size:small'>2013@mthakathi South Africa</p>
Comments (0)
No comments yet. Be the first to comment!