Siyathandana kodwa injabulo ayikho ngihlala ngokukhathazeka njalo, kazi ngoyithola nini injabulo kuloluthando. Ngaze ngazigwaza ngowami, ukungazi kufana nokungaboni ukube ngangazi ngabe angizange ngizibandakanye kuloluthando. Kubuhlungu ukuhlukumezeka othandweni ekubeni ungenawo amandla okuzilwela. Ngihlala ngivuvukele amehlo ngenxa yezinyembezi ezihlala zigobhoza, angisalinganwa nayizingubo zami ngenxa yomzwangedwa. Ave kumnandi uma umuntu ezibika kuwe kodwa kuba buhlungu kuqaqambe uma esekutshengisa ukuth uyinto yokulalwa bese ushiywa kanjalo. Uzwe umuntu ethi uyindoda yena, indoda enjani ephatha kabi othandiweyo wakhe na, ngempela kazi uthando olunjani lolu.
Comments (0)
No comments yet. Be the first to comment!