Bafe2 nabo baby, yazi when you love a someone, kumele nizinike isikhathi esaneleyo nina noyi2 bengekho abangani benu futhi kungajahelwanga ucansi. Ucansi makube yingxenye yezinto enizenzayo. Lo muntu lona uyaludinga uthando lwakho lonke. Zinikeni ithuba niyobuka ama movies niyodla out, nenze ipicnics nihambe niyobuka indalo together. Niyadingana nobabili nizinike isikhathi sokwazana. Ningathathi uthando lwenu nilwenze olwabangani, futhi uthando lwenu lungancikiswa nasezinganeni ngoba anihlanganiswanga yizo bo. Uma nithandana ngempela nomuntu wakho, ngisho nocansi lwenu lumnandi ngaso sonke isikhath nidlana. Uma nithandana futhi ninikana isikhathi, nihloniphana, niyaneliswa kukho konke eninakho, uthando lwenu lunganciki emalini yomunye wenu. Mthande ngothando oluphelele, awudingi kukhokhelwa Mali othandweni, ngoba uzikhethele wena ukungena kule relationship. Masithandane sinikane isikhathi.
Comments (0)
No comments yet. Be the first to comment!