Hhiya bathakathi bansondo,ngibengelele enhla nasezansi bengingazi ukuthi kusabhaleka lapha so nginqume ukuqedela lesiqephu Ngoba babebaningi bekhala ngaso,nizokhumbula ukuthi izinto zagcina zime kanjan izinsuku zomshado zazisondele noXol" sile ngase ngimthembisile,kwakuhamba kahle konke ngangiphakathi komhlane nembeleko,lomcabangowokuthi kuzofika iskhathi sokuthi ngakhele uXol" sile ikwakhe wawungidla ngoba ngangingazi ukuthi kuyobuthikameza ndlelani ubudlelwane bakhe noNtimbi.cha salungisa wabuya noBheki umngani wami engangithenge kuye lomuzi,ngoba wayezoba seduze kwami ngosuku olukhulu,kwathi sekusele izinsukwana nje wangibiza ubaba ngahamba ngaya ekhaya ngafika Ehleli nomama ngabingelela saphilelana wase eluqala udaba"ndodana akulutho olutheni esikubizele khona sinonyoko sifuna ukundlulisa ukubonga okukhulu mfana wami uwuvusile umuzi wakoNondaba selokhu waqala ukusebenza asikaze siswele lutho lapha ekhaya yize usunotwayi lwakho nawe kodwa ulokhu usibhekile nathi lokho kukhombisa ukuthi uyindoda emadodeni,angazi ngingakubonga ngani mfana wami"lake lathula ikhehla kwase kunanela umama"mfana wami useqedile uyihlo mina akukho esengingakusho esengikulindele nje ukugona abazukulu bami"ngabonga nami ngendlela abangikhulise ngayo ngabonga nganconcoza,lase liqhuba ikhehla lithi"ngiyazi Ndodana awuswele kodwa nginqume ukuba ukhethe kulomhlambi walapha kini izinkomo ezimbili zalomsebenzi wakho wokugcagcelwa angeke ngakhululeka ukuthi ziphume ephaketheni lakho ngikhona ngisadla anhlavana nezinyanya zingangijezisa"ngavele ngankema ngazama ukwala kwasho khona ukuthi seliqedile ikhehla ngasukuma ngabonga ngalixhawula sahlala kwabamnandi ngase ngibuyela kwami ngoba kwasekufike iskhathi sokuyohlangana nezimpelesi zami sihlanganise I step.nangempela saqhuba saze sahlukana sekumnyama ngangena e shower ngageza ngaqeda ngashayela uNtombi ngoba wayesehlala kubo"sthandwa sami unjan kodwa?"Ngaphila naye waphila"yaz Spha angazi kungani ngizizwe kanjena angikholwa ukuthi ezinsukwini ezingengakhi ngizobe sengiwumkakho ngokuphelele ngizizwa Ngithukile Nondaba,ngapha angisavumelekile nokukubona phela siyakukhumbula thina nomntwana"ngamutshela ukuthi kujwayelekile ukuzizwa kanjalo ngezinsuku ezinjena,saxoxa wagcine esengitshele nokuthi bona sebeme ngomumo konke sekulungile noXol" sile umusize kakhulu kukho konke ebebonisana Naye ezintweni eziningi,cha savalelisana,ngangimkhumbule uNtombi ngingazenzisi,kwasa ngazihlalela endlini ngizicabangela izinyoni zami kwakulana ko 12:00 emini mangibona imoto enhle ima esangweni ngasukuma esihlalweni ngaya ngakhona angikholwanga ngibona uXol" sile ngacofa lokwe remote lavuleka isango wangena wapaka wehla demed yinhle lengane suka,waphuma ngaya kuye ngisamangele ngamanga sibingelelana"Nondaba unjan sthandwa sami?"Ngaphila ngabuza yena"ngiyaphila nami sthandwa sami ngizokulanda sishaywe umoya"washo engimukeza okhiye bemoto ngabuza sakumangala ukuthi ngabe eyakhe wavuma ngekhanda ngamubamba ngamanga ngimubongisa"ukuzamanje Spha nami ngithena angizizamele lokwehhashi ngoba ngiyasokola manje uyangisinda nangu uZondi*ephulula isisu*"ngamubongisa kodwa ngangizitshelile ukuthi ngizoqala ngithengele uNtombi imoto bese ngimuthengela noXol" sile kodwa ke azange ngithande ukumudumaza ngathatha okhiye ayengimukeza bona sakhiya endlini sahamba saze sabuya selithamba ilanga injabulo yayibhalwe ebunzini kuye,safika sahlala osofeni sazixoxela,ngase ngifile ukumuhalela buye ngangigcine nini ukubhebha.uyeza u part 45 bengisandlalela nje ukuthi sikhumbuzane ukuthi kwagcinaphi.ngithemba lisekhona lonke ithimba lalapha ekhaya.
Comments (0)
No comments yet. Be the first to comment!