Bandla lakwethu sanibonani,ngifikilekulekhaya ngamukelwa ngezithokomele izandla,ngakhipha okusemgodleni wami kwajatshulwa manje sekuyiskhathi sokuthi ngiqoqe okungokwami ngikhale ngimike,NB side kakhulu lesiqephu,ngakhungatheka emva kokuxoxa no maZondo,into eyayifike ingiqede kakhulu ukuthi usezongizonda kodwa kuyobe kufanele,ngakolunye uhlangothi kungaba ncono ukungezwani kwami nomaZondo angayeka lokunginyonkoloza njalo uma nginoSbongile,eka Sbongile ke yona ingeqa ngaphezulu ngoba angazi ngizomutshela kanjan lensumansumane,kodwayena asengamane nje alwe nami kodwa uzongilwisa ngaliphi?phela umaHadebe siyalingana naye ngeminyaka,kodwa okungamuphula umoya ukuthi nje ngigcine ngokumukhulelisa,chaokusemqoka makunjena sekumele ngimunekele yonke lendaba angaze ayizwe ngomunye umuntu,ngazama ngaphindelela ukufownela umaZondo ingangeni ifown yakhe,ngagcina ngiyekile ngalala kwasa ngenza imisebenzi yami,yosuku ngathinta uSbongile ngimtshela ukuthi ngizoza ngizomubona"ngingajabula sthandwa sami kodwa kwangathi awuphathekile kahle emoyeni yini?"Ngalandula nje ngabika inkumbulo savalelisana kwahlwa nganikela kubo nalapho angimangaza khona waphuma neskhwama wangena emotweni"ngiyolala kuwe bbe phela ngiyakukhumbula mina"azange ngibe nenkinga sahamba ngithule ngicabanga ngize Ngifikelwe nayizinyembezi,wayelokhu ebuze Njalo ukuthi ngidliwa yini?safika ekhaya sasisahleli emotweni singakaphumi kulapho ngaqala Khona inkulumo yami ngizama nokumubekela ukuthi angiziqhenyi ngesenzo sami kodwa ukuhlukana kwami noNozipho kwashiya amanxeba enhlizweni yami yilapho kwenzeka khona lento umaHadebe nguye owayeseduzane futhi engiduduza kwase kwaqondana,wathula eside isikhathi ngathi ngimubheka sabe zehla njengempophoma izinyembezi kuye ngathi ngiyamubamba wangichiliza ngamuncenga kodwa kwanhlanga zimuka nomoya,kwathi ngelikade wathi kimi"ngicela ungiphindisele ekhaya Sbonelo"ngathi kuye cha asikhulume ngalento angithandi uma ekulesimo akakhumbule uzethwele"ngithe ngiyise ekhaya Sbonelo"ngathula nje and ngangiqala ukumuzwa ephakamisa izwi,ngamutshela ukuthi angiziqhenyi ngalento futhi ibeke Impilo yami encupheni so ngicela angilalele kahle ngiyazi ukuthi usezinhlungwini kodwa ngicela anginike ithuba"ithuba lani Sbonelo ikuphi okunye osazongitshela khona futhi?"Ngathula ngaqeda ngaphuma emotweni ngaya esicabheni sakhe ngamuvulela wahlala nje ngamuncenga,wagcina ephumile ezama nokusula izinyembezi sahamba sayongena endlini yami,sangena wahlala phezu kombhede ubona ukuthi usezinhlungwini zomphefumulo,ngahlala eduze kwakhe ngathi ngiyamubamba wasuka kimi,wasukuma wakhumula wayongena E bath room wageza wabuya ngelikade wangena engubeni ngilokhu ngihleli phezu kombhede,ngasukuma nami ngayogeza ngaqeda ngayongena engubeni ngalala emva kwakhe engifulathele ngamuncenga ukuthi asikhulume,wazithulele nje ngathi ngizwa zazehla ngamandla izinyembezi yadabuka phakathi inhliziyo yami,zangifikela nami izinyembezi,ngathi ngimuzwa ekhala kakhulu ebamba isisu ngavuka ngakhanyisa ngamumbula ingubo ngamuthola egoqene ekhala njengomuntu onama pain esiswini"ngicele ungise esbhedlela Sbonelo Owwwww ssshoooooo wemah!"Ebamba isisu ngagqoka ngamugqokisa naye wafaka negown ngaphezulu,ngamuqukula sayophuma endlini ngamufaka emotweni sahamba elokhu ekhale njalo,ngafika esbhedlela kungathi ngiyasangana ekhanda basimukela bamuthatha bahamba naye bayongena kwelinye igumbi,lapho kwakuthi ngivele ngikhale kakhulu ngashayela umama ngamubikela,waba buhlungu kangangoba waze wakhala,ngalinda mhlawumbe ihora nesgamu ngisalinde umbiko oqhamuka kodokotela,kwase kufowna wonke umuntu ekhaya ngaphandle kukababa nomaZondo,waphuma udokotela weza kimi ngabuza ukuthi unjan uSbongile umntwana yena ukahle na?"Bakahle bobabili bhuti ukuthi nje kuyenzeka kwesinye iskhathi lokhu uma umama wengane ezwe ubuhlungu kubese kuyazwela nasenganeni"ngabuza ukuthi ngingayobabona?"Ngilandele"ngalandela ngangena wasishiya udokotela ngahlala eceleni kwakhe ngavele ngakhala kwangathi ngiyingane encane,wavele wangiqamelisa kuye wathi"sshhhhh kuzolunga sthandwa sami ungakhali kanjena ngiyakucela khabazela"sasilokhu sibambene,wabuya udokotela wathi"ungabuyela ekhaya bhuti uzobuya ekuseni sizomgcina umama sobona ksasa ukuthi uqhuba kanjan"nganqaba kwalela noma esengincenga uSbongile,ngathi ngingamane ngoyolala emotweni,bagcine bengiyekile. Sashayela nakubo ukubazisa nje,wagcina ezumekile nami ngazumeka kulesihlalo esiseceleni kombhede,kwaze kwasa sesivuswa o nurse kwafika nodokotela wamuhlola wase ethi angakhululeka,sahamba sangena emotwweni saya ekhaya safika sebemi ngaphandle kodwa sacela ukuyophumula baqonda,sangena endlini ngangena e shower ngaphuma naye wakhala ngokuthi ufuna ukugeza wageza wabuya wangena ezingubeni wase ethi"Sbonelo ngiyaxolisa ngayoyonke into and bekungafanele ngikwahlulele ngoba yonke lento yenzeke ngingakabi khona empilweni yakho,ngicela siyindlulise lento nakuba ngingazi ukuthi ngizothini kumaHadebe nje"ngaxolisa nami ngase ngimtshela ukuthi sengiqalie ngifuna eyethu indawo kodwa okwesikhashana soyohlala lapho soqasha khona"Sbonelo mina ngizogana lana kini,ngizomelana nanoma ngabe isiphi isimo angifuni kuthiwe ngafika ngakukhipha kini,ubaba wakho uyakuzala nakuba kubuhlungu kodwa uzondlula kulento akumane kube nguye okuxoshayo ungaziphumeli"savumelana zahamba izinsuku.ngathola ucingo ngisedolobheni olubuya kumaZondo"Sbonelo angazi ukuthi ngithini kuwe,bt ngizwile ngento eyehlele uSbongile ngiyaxolisa,ngicela wazi ukuthi angikuzondi kodwa nginovalo ngawe,siyehla ksasa nobaba wakho ngikufownelela ukuthi uhlale wazi,angifuni kube khona into eyenzeka kuwe Sbonelo"wake wathula wadonsa umoya wase eqhuba Ethi"as much as ngingayifuni lento kodwa ngisakuthanda kakhulu Sbonelo angisoze ngithande omunye umuntu njengawe.ngicela uzigade Sbonelo uSbongile uyakudinga nengane,angikazazi izinhloso zikababa wakho.ngizonibona ksasa"ngabonga kakhulu kuye savalelisana,ngabuyela ekhaya ngacela uSbongile ukuthi aye kubo angifuni ukuthi kwenzeke utho elana"Sbonelo ngikutshelile nje angiyi ndawo ubaba wakho uma efuna ukukwenza utho kuyomele aqale kimi kuqala siyezwana?"Washo engigqolozele emehlweni,ngavele ngehlela ngezansi,maqede wangishiya Wayohlala nomama,ngaya kumaHadebe ngamutshela ukuthi bayeza obaba"ungitshelile umaZondo and sikhulumile naye ngaxolisa nangesenzo sami,Sbonelo uyakuthanda umaZondo ,yazi yonke nje lento iyangibulala mina anginamndla ayo,ngangazi kwasekuqaleni ukuthi uyamuthanda umaZondo kodwa still ngaqhubeka mina ngokulala nawe.ubaba wakho uma efika lana angisenandaba angamane angibulale wena angeke akwenze lutho uyigazi lakhe,ngicela uvikele ingane yethu Sbonelo"wavele waphihlika ngamuncenga ngamutshela ukuthi angakhali ngeke kwenzeke lutho kuye nomntwana,ngase ngimucela ukuthi aphike yonke into kubaba noma angaze amukhombe ngesibhamu angavumi lutho,wavuma kodwa kunzima wase ecela ukuba ngimubizele uSbongile,nangempelangamubiza baxoxa ngingazi ukuthi babexoxa ziphi kodwa wabuya ekhala uSbongile wangithola endlini"Sbonelo uyabona kodwa leli CHILO lihlukumeze Abantu abangakanani?bheka izimpilo zabantu ezisencupheni,umaHadebe uqeda kuthola ingane akanamandla ayoyonke lento"wayekhala kabuhlungu isimo sasimunyu nje impela,lashona ilanga kwasa batheleka emini yasekuseni obaba,engakuqaphela kubo ukuthi umaZondo wayebukeka ekhathazekile,ngangena endlini ngakhipha ivolovolo lami ngalifaka enqulwini"Sbonelo ngiyakucela ungayenzi lento ngiyakucela Khabazela wami"kwakuzikhalela uSbongile kodwa naye wabona ukuthi umfula usungenise kakhulu,akuphelanga skhathi wabiza imbizo ubaba kwayongenwa kwagogo,nalapho avele wahlala odabeni wathi akasangifuni Lapha emzini wakhe,bathi bayabuza omama ngokumangala ukuthi kwenzenjani?wavele wabhavumula ngolaka esho khona ukuthi angeke ahlale nenja endlini yena,ngezwa ngicinana ngathi uma ngimubuka ngamubona emncane kungathi ngingasuka ngihlale kuye amakhahlambane,waxolisa kuSbongile ngayo yonke lento kodwa akanxa naye ungumalukazane wakhe futhi uyohlezi emukelekile Lapha kwaKhabazela,kwaqhuma isililo endlini ngaphuma baphuma nabanye nakuba baqala ngokumuncenga,umama waze wathi ayiphumi ingane yakhe lapha ekhaya uma iphuma uphuma nayo,ngamuncenga Umama ngathi akasale,ngamubona eyongena emdlini enomaHadebe ubaba ngase ngizitshelile ukuthi ukuqhuma kwesibhamu nje ubaba uyolusa amadada naye namuhla,akubanga ke njalo ngamubona esephuma eya endlini kamama ubona nje ukuthi udiniwe,ngabona umaZondo eyongena endlini kamaHadebe waphuma ngelikade ekhala naye,weza kimi noSbongile wathi"ubaba wakho akamxoshanga umaHadebe kodwa kusasa kuyokwenziwa ulibo fuzo,nalapho athena khona kuwukuthi eyami lengane umaHadebe kuyomele aqoqe amasakana akhe ahambe lakhaya,kodwa ke uphike yonke into umaHadebe nanokuthi nje wake walala nawe"waphuma wahamba sasala noSbongile,kwathi ekuseni sezwa ngesililo sathuka sagelekeqeka sabona umaZondo nomaNgcobo bekhala beziginqa phansi saphuma sibuza ukuthi kwenzenjan,kwaphuma umama endlini kamaHadebe ephethe umntwana weza kithi. Wasitshela ukuthi umaHadebe uzindlulisile emhlabeni kubukeka ngathi uziphuzise amaphilisi,kwaqhuma isililo lonke igceke ngabona nobaba ephuma khona endlini kamaHadebe ethwele izandla,ngasuka ngaqonda kuye ngqo ngamubuza ukuthi ujabulile ke manje?uyayibona imiphumela yokungathembi umkakhe?akahlabe inkomo ajabule angithi isifezekile intando yakhe,zazehla zigelelza kimi bangibamba oSbongile noMaZondo bayingifaka endlini yami,wandlula kanjalo umaHadebe emhlabeni uswana lasala dengwane lahanjiswa esbhedlela ukuze lithole ukunakekelwa okufanele,wahamba engashiyanga nisho I note umaHadebe,saqhubeka nokuba muncu isimo ekhaya lwafika Usuku lomncwabo wafihlwa kodwa emncwabeni wakhe kwakugcwele umunyu lodwa nje,kwabuyelwa ekhaya ngabiza imbizo ngabatshela ukuthi emasontweni amabili ngizohamba lapha ekhaya ngiphuma inxiwa njengesifiso sikababa,ngaphuma ngahamba nangempela kwafika lesoskhathi ngaphuma ekhaya ngase ngithenge umuzi wethu noSbingile,babeya ukuyohlola umntwana usuku nosuku,wagcina ephumile esbhedlela wamuthatha umaZondo.emva kwezinyangana nje kwehla leso sehlo ngathola ucingo oluthi ubaba usendlulile emhlabeni,wenza ulibo fuzo enganeni kwatholakala ukuthi ingane kamaHadebe eyakhe wavele wamelwa inhliziyo,ngaba buhlungu kakhulu ngoba ubaba uhamba nje kunegazi elibi phakathi kwethu,okusho ukuthi umaHadebe wawaphambanisa amaviki ngokukhulelwa kwakhe,wafihlwa ubaba emva kwalokho ngenza omkhulu umsebenzi wokuxolisa ezinyanyeni nakuye ubaba kwagezwa,impilo yaqhubeka nalapho ngagcina sengimthathile umaZondo njengonkosikazi wami wesibili.uSbongile wathola indodana nengayetha ngathi uVus" muzi,ngabashada bobabili nomaZondo bagcinabesebenza ndawonye ngoba vele benza izifundo ezifanayo,dankie baloyi.
Comments (0)
No comments yet. Be the first to comment!