Hhiya bathakathi bansondo,angiqale ngokuxolisa ukunyamalala iskhathi eside ngisaxakwe izintonyana nje zempilo,ngiphinde ngikubalule lokhu angikasitholi iskhathi kahle nami ngisazokuhlala ngifunde izitori zozakwethu ngincome ngigqugquzele futhi njengoba benza nakimi angifuni kube ngathi ngiyaziphakamisa,isikhathi bafw2 engingakasitholi,owk nangempela nganikeleka endlini ngathatha uNtombi sanikela ekhaya bajabula besibona kwazise phela sasiphethe nomngenandlini sahlala saxoxa kwaba mnandi ngabese ngicela ukulumana indlebe nobaba,sahamba sayohlala ngaphansi kwesihlahla ngase ngimlandisa ngokufuna ukulamanisa uNtombi"hhawu ndodana ubudoda lobo kodwa awuboni engathi uthatha ngamawala?"Cha ngalandula ngimtshela nokuthi inkinga sekukhona nongiyosho ekhaya kulentokazi engifuna ukuyithatha angifuni ingane yami ivelele ngaphandle kwesbaya"hhawu cha ngiyakuzwa ke uma usho kanjalo ngoba phela kubalulekile ukuthi utwayi lwakho ulusondeze eduzane nawe nihlupheke nonke,manje eyakwabani lentokazi osufuna ize emagcekeni akoNondaba?"Ngavele ngamtshela ukuthi uXol" sile wavele wakhexa kodwa washo wathi wamunothisa ukuthi usezithwele kodwa wazitshela ukuthi asisazwani naye,cha sahlala ngamtshela nokuthi angeke kodwa ngiyovela kubo maduze nje ngifuna ukuqeda kuqala ngoNtombi,wakuqonda lokho sabese sesizixoxela nje ezinye kwaze kwafika iskhathi sokuthi sihambe nangempela sahamba safika endlini ngamshiya esathi uyapheka ngandlulela kubo kwa xol" sile ngamela kude kwazise phela kukhona labomamncane bakhe waphuma egqoke emhlophe ingubo ekahle nje engamubambi weza esenyathela kancane esemuhle ngenkani wangena emotweni sangana eside iskhathi sijabulelana"yazi ngathi kudala ngakugcina kanti ngikugcine nje ezinsukwini,awushousenjan umawakho?"Ngamtshela ukuthi sibuya kuye nje usencono,ngabese ngimutshela ukuthi bangeza ekhaya konke sekumi ngomumo"ngiyabongaSpha nakuba nje nginamahloni bazongithatha kanjani abakini bazongithatha njengesichithamizi"ngamkhuza ngamtshela ukuthi ayikho leyonto,ngakhala ngokuthi ngiyamkhumbula"nami ngiyakukhumbula Spha kodwa ke uyazi nawe angithi wena usunomfazi manje futhi ke ngiyamhlonipha uNtombi angifuni nje ukukumoshela lokhu osokuphembile asizame nje ukulawula imizwa yethu"mmmmm ja neh iyakhuluma ingane yabantu ngaluyeka lolodaba kwazise ngangingafuni ukumtshela ukuthi uNtombi usevumile ukuba ngimthathe,ngavelengamtshela ukuthi kuzolunga nakuba sobabili sasizwa kahle ukuthi siyafunana strong futhi,sagcina sihlukene,inhloso yami kwakuwukuthi mgimtshele ukuthi uNtombi usinikile izibusiso kodwa ngaphinde nganquma ukuba ngingamutsheli,ngoba ngangisafuna ukubona amasenti ukuthi ayavuma na ukuthi ngingandlulisa umgcagco wami noNtombi bese ngizishaya siphelela kubo kwa Xol" sile ngoba phela ngangithandazela ukuthi ama Tarven afake imali eyanele ngizokwazi ukukhona lezizinto.ja khona kancane kancane kuya ngokuhlangana empilweni yam,osekumele ngikwenze manje ukuyosula emsebenzini wami wakwaNkosi.dankie baloyi benginikhumbuza nje ukuthi sagcinaphi naloluchungechungelwesitori,ngiyanihlebela nje kunolozolo oluzayo olusihloko sithi ICHILO KODWA.ngiyacabangaukuthi nizosithikozela ngoba ngathi sizoba sezingeni impela nje.
Comments (0)
No comments yet. Be the first to comment!