Ungakongeni wena emphefumlweni wam ngangijabulisa inyama yam, ngaz ukuth mangidlile kuphelile. Kodwa namuhla inyama ayinendaba, umphefumulo uhlale ulangazelele wena. Injabulo yami nguwe mtanomunt.Izintaba zingakaqini wena wawukimi ujehova engakalukhiphi lolubhambo lwami alufake kuwe. Umhlaba ufiphele kimi ngaphandle kwakho. Ingelosi ngiyizwa ngendaba nje kodwa lapha kuwe ngihlezi ngiybona ngamehlo. Phela wena awuconsi phansi lapha kimi. Uyohlezi uyinjabulo, induduzo , isphephelo senhliziyo yam. Nanini iyobe ingakuwe. Ngingegeqe amagula ngoba angemuki.
Comments (0)
No comments yet. Be the first to comment!