John

Thina sehluke kuphi?

John • 11 Aug 16 17h39

Ngike ngibuke abantu besimame bebingelelana baze bacabuzane ngize ngihale, balale embhedeni owodwa bexoxa behleka baze bazumeke abanye baze bagonane nje ngothando lwembokodo kungekho okuhlanganise nemizwa yokuganga, ngiqhanyelwe ngicishe ngizingc... Ok bathakathi manje thina besilisa ngisho singabangani abakhulu akulula ukuthi singasondelana kangako ngingasayiphathi eyokwethuka sekulele enye indoda ongayazi njengasezinkonzweni, imingcwabo neminye imicimbi ekuye kugcwale kudingeke nishere izindawo zokulala. Akalinge angincike kanti uziphuphela izinto zakhe uphondo luze lwema kuvukwa kukhale iqupha lodwa! Ibangelwa yini lento emadodeni?

0 votes
Comments (0)

No comments yet. Be the first to comment!



Related posts
Loading related posts...