Ubaba uyababa umalume uyaluma kanti ashonaphi amadoda aqotho.Sakhula indoda isatshwa futhi ihlonishwa ingani phela amadoda ngalesikhathi ayeqotho, ay ngoba sekufuneka uqaphe qolo njengo nwabu muhleli nendoda. Amadoda asaphenduka izilwane ongakwazi ngisho nokuzishiya nezingane engcekeni ingani phela ubaba uyababa umalume uyaluma kanti ashonaphi amadoda aqotho.Ekhaya izingane zikhula zazi ukuthi ubaba uyababa ingani phela nomama uma sezimxakile uthi ngizomtsheli ubaba wenu. Ubaba sewaba inunu yokuthusa izingane ezingezwa. Phela ubaba uyaziwa alufakwa lubuya nodaka. Noma efikile ekhaya akahleki akathi nsi kodwa uma esehostela uhleka kuvele elomhlathi izinyo. Ubaba uyababa ekhaya kodwa ngaphandle mnandi sebaze bambiza ngobaba onoshukela. Ishende lidla inyama kodwa ekhaya izingane sezahlale zibeke izinzipho zokuqothula imbuya ensimini. Ubaba uyababa umalume uyaluma kanti ashonaphi amadoda aqotho?Umalume akafuni ukuyosebenza ubanga imali yesalukazi nabazukulu ingani phela imali kamama wakhe. Umalume nje abashana abamuthathi notice ingani naye uphuphe ngathi ugeza ngejicky, izingane azishiwa nomalume bayaluma nawe ungaze ugileke. Omalume bangcwele amajele abashana ezibhedlela ingani phela umalume usemlumile umshana, umalume usemdlwengulile umshana. Sowathemba kanjani amadoda ngoba ubaba uyababa umalume uyaluma kanti ashonaphi amadoda aqotho?Bathi okuhlula amadoda kuyabokwa lendaba soyibika kubani ngoba amadoda awasekho sekwasala umndondo. Amadoda asadakwa aze azikhohlwa angobani, aze azikhohlwa angaka nani. Ekhaya ashiya amadodakazi uma eswafica ngaphandle athi dudlu ntombi. Uma esphethwe ukonakala athi indoda ayigugi. Ashonaphi amadoda ayethanda eyivikela imndeni yawo. Amadoda ayesivikela isthunzi sawo. Amadoda ahamba lukeke ingakho amadodana edakwa ahambe ngezisu phela indlela ibuzwa kwabaphambili. Ubaba uyababa umalume uyaluma kanti ashonaphi amadoda aqotho.Ngiyathemba nizoyithokozela bathakathi.
Comments (0)
No comments yet. Be the first to comment!