John

THANDO KANTI UNJANI?

John • 03 Jan 17 11h09

Hhiya bathakathi bansondo,cha kuyiqiniso ngempela ukuthi uthando lwangempela alupheli futhi alugugi,lungagqwala kodwa luhlezi lume njalo nje,noma ungazikhohlisa uthi awusenandaba kodwa inhliziyo isuke iyazi indlela neqiniso,sekuphele iminyaka emihlanu ngamugcina uZanele futhi ukumugcina kwami ngangingenalo ithemba lokuthi ngiyophinde ngimubone mmmmm iqiniso ukuthi izintaba ezingadibani kodwa abantu bayadibana,nakhu ke ngisekhaya ngoba kungamaholidi konke kuhamba kahle,ngimenywe kwaZondo kunomcimbi nje kuzobe kukuhle kudelile futhi abafana bakhona ngikhule nabo sifunda sonke sisondelene kakhulu nabo,cha ngivuke ekuseni ngigeze ngiye edolobheni ngithi ngiyozithengela ibhodlela nami engizoziyela nalo kulomcimbi,ngingene ebhodlela stolo ngithenge ngiphume mangiphuma nje ngiqonde emotweni yami ngokunganaki ngibone kuma imoto yohlobo lwe Audi emnyama celeni kwemoto yami,kuphume enhle intokazi lena ngingayinaki kakhulu nayo inganaki lutho ngingene indlela ngihambe,luhambe usuku liyashisa ke nelanga likhipha umkhovu etsheni,ngokuthi ngabuya ngageza imoto kungiphoqe ukuba ngigeze Futhi ngaphambi kokuya kwaZondo nangempela ngageza ngazicupha nganikela khona kwaZondo ngafika impela sebebaningi abantu nenganothisa ukuthi kugcwele abantu esasifunda nabo ikakhulukazi,ngabuyengakuqonda lokho ngoba lomfana walapha kwaZondo wayewuveze naku FB lomcimbi wakhona,kwaba mnandi ukubonana nabanye esasifunda nabo kunjeyaya saqala sabuhlehlisa impela kodwa mina ngangingathathi mawala Ngoba abantu babesangena ngingafuni ukudakwa ngingasaboni nabantu abanye abafikayo,kwathi uma zikhuphukela ko 17:00 kwatheleka I Jeep ilandelwa I Audi engayibuka ngayifanisa nalena ebengiyibone emini yasekuseni kodwa nganganaka,zaziwa kulezimoto abantu babehlezi etendeni mina ngihlezi ngaphansi kwesihlahla namajita amanye engangiwazi nalawalapha ekhaya kudliwa ibhodlela sizixoxela ngempilo nangezinye nje izinto.zangena zapaka lezimoto kwaphuma izintokazi zodwa suka madoda bayazala abaye omama langaphandle angikhathali.zehla zeza ngasetendeni kwasuma nalaba ababehleli etendeni bajabulelana kwanganwa kwanjeyaya ngabona ukuthi sasifunda nabo mos labantwana kodwa ke manje sekungo cc nje aba top abazibhekile beza ngakithi sajabulelana kulapho ngingawakholwanga amehlo ami ngibona uZanele kulo lethimba lamantombazane naye waba nokuthuka engibona,baloyi uZanele kwakuyisthandwa sam esasingaconsi phansi ngendlela esasithandana ngayo ngakhona kwakungathi yithi kuphela abantu abathandanayo ezweni,kodwa ke abakubo babese beyathutha lapha endaweni yangakithi kwaba ukudukelana kwethu ke lokho,ngoba size sibonana manje wathi Noma eseza ngakimi esebingelelene nalamajita enginawo ngabona izinyembezi zigcwala amehlo kuye laba abanye abanakile bajabulelelene abasinakile,washo ngeliphansi wathi"Lucky usaphila?"Wanganga wangiqinisa izinhliziyo zethu kwakungathi zifuna ukuphuma ezifubeni zethu,sangana eside iskhathi waze wangidedela wasaba ukungibheka emehlweni kodwa ngabona izinyembezi zigcwele amehlo,wavele wasuka ngejubane ebheke ezimotweni abafike ngazo,ngathi ngithi lacu ngiyamulandela,ngezwa ngesifudumele isandla singibamba engalweni ngathi ngiyaphenduka kanti kwakungu Wendy umngani omkhulu kaZanele owayesesibonile isimo sethu wathi kimi"Lucky ngicela umunike iskhathi bandla umngani wami,abengacabangi ukuthi angakubona lapha"ngamuzwizisa u Wendy naye awasemuhle ngokuxakile futhi kudala ngamgcina kodwa engakuqaphela kuye wayentshalantshala nje ngabese ngiqhela naye ebandleni siyoma qekele sobabili sengibuza ukuthi bafike nini lapha ngoba phela abasaziwa?"Sifike izolo Lucky salala ekhaya phela imizi yethu noZanele isondelene"ngamunqanda ngabuza ukuthi imizi?"Ow ja Lucky ngathenga umuzi,bt ke okukaZanele uzokutshela yena ngokwakhe"wathi uma esho njalo ngezwa kukhona okungitshela ukuthi kukhona angifihlela khona,cha ngamubongela encona nokuthi nami sengaba incwasimende sazixoxela kwaba mnandi noWendy owasemuhle lokhu okuxakile amabele egcwele isfuba,saze sabuyela ebandleni kwajatshulelwana kodwa inhliziyo yami ilokhu ikuZanele nowabuya ngelikade wazibandakanya nathi.Sasilokhu sitshontshana ngamehlo engale kubangani bakhe sabuhlehlisa impela lathi lizilahla kunina lawiswa itende laba ababekulo beza ngakithi kwaqalwa phansi kwajuxuzwa,wathi uma ethulisa umsindo lomfo walapha ekhaya ezokhuluma inkulumo yakhe yokubonga kwathulakala ngamubona engale esixukwini uZanele elokhu engibuke njalo ngashekela ngigudla isixuku naye ngamubona egudla sishaya ngolonwabu,wena owabona uThandeka noSbusiso kwSibaya beshekelelani emarondweni ngosuku lomcimbi waQondi,sashekelelana abantu benganake lutho silokhu sathaphana ngamehlo sigudla siya ngandawonye inkulumo eyayethulwa ngabe nginamanga mangingathi ngayizwa ukuthi yayithini saba ukufika ekugcineni kwesixuku sama sobabili sabhekana kungekho okhulumisa omunye ingubo yakhe ephuzi eyayihambisana kahle nebala lakhe yayilokhu iphephezela kancane nemisebe yelanga imugqamisa kamnandi nakhu phela seliyozilahla kunina sasondelana sakwesabana waze wafika kimi ngamubuka esemuhle ngenkani akekho owakhuluma sabukana ngaxoxa indaba amehlo ngalula isandla naye waselula esakhe ngasibamba nesasifudumele kamnandi ngathi ngisafuna ukukhuluma sezwa sekushaywa ihlombe sekuvulelwa umculo phezulu baqala phansi badansa abantu kwaqhamuka uWendy wasiphazamisa wacela uZanele bahamba cha nami ngabuyela ebandleni engangikulo basha sekudanswa kunjeyaya kodwa ke mina inhliziyo yami yayingasekho kulomcimbi kwaba mnyama ngabona ukuthi phela angeke ngilithole ithuba lokhuxoxa noZanele um ngingaphika nobumnandi ngashona ngakubo ngafike ngamucela kubangane bakhe wangilandela saphuma esixukwini ngamtshela ukuthi kumele sikhulume"uqinisile Lucky mele sikhulume kodwa hhayi lana ngicela siye endaweni ethulile"ngangaba nankinga Ngathi asihambe saya emotweni yami wase ethi"awuthi nginike uWendy iskhiye semoto yami ngoba mhalwumbe uzozwela amakhaza and izinto zakhe zisemotweni yami"waqonda ngakuyo le Audi ennyama wabuya umqondo ukuthi nguye lona engimubonile ealier wakhipha I hand bag yakhe encane waya ngakubo Wendy wamunika iskhiye ngababona bekhuluma engathi bayaphikisana nakhu phela sebemi bodwa bakhanyiswe izibani zagaphandle ngabona eseza ngakimi uZanele uWendy emile emubuka,wafika ngabuza ukuthi kunenkinga na?"Cha akulutho Lucky singahamba"sangena emotweni sahamba ngahamba ngaze ngayoma kwenye I lake epholile nje enobuhlaza utshani sama ngaphansi kwezihlahla kwase kumnyama khona saphuma emotweni sayohlala phezu kwalezitulo zosimende kwake kwathuleka iskhashana,ngathi ngiyaqala ukukhuluma kanti naye uyaqala ngase ngithi akaqale"Lucky ukuhamba kwami lana kwakungemnandi futhi ngahlala nginenhliziyo enesilonda ngoba ngiyazi ngangingaxabene nawe futhi ngangikuthanda ngolunzulu uthando kodwa impilo ke inezinto eziningi,ngangiyithumela imilayezo ngo Wendy ngoba yena uyeza kubo,kodwa wena awukaze uzihluphe ngokuphendula ngoba namafown ami ngamunika ukuba akunikeze kodwa awukaze ufowne"ngathi ngifuna ukuphefumula wanginqanda ngomubuzo"Lucky kanti ukuhamba kwami lana kwakusho ukuthi liphume nobomvu na kuwe?"Wangibuza ngelinosizi izwi ejika nasesihlalweni ebheka ngakimi,ngamuchazelaukuthi ngiyakweshwama mina lokho kuyoyonke leminyaka angikaze ngithole nowodwa umlayezo oqhamuka kuye futhi ke mina ngangingazi ngizophuma ngibheke ngakuphi ngimuthungathe nganicinga naku Fb kodwa lutho"angikho ku FB ngoba nokuza kwami lana nginxenxwe oWendy no Thoko"Wake wathula wase eqhuba ethi"Lucky uqonde ukuthi awukaze nje udibane noWendy akunike utho oluvela kimi nisho izilokotho zosuku lwakho lokuzwalwa?"Cha ngalandula ngathi angikaze"angiyikholwake lena alukho usuku lwakho lokuzwalwa olwalungiphutha ngangihlezi ngikuphathisela izilokotho,mina benginqena ukuza lana ngoba ngangingazi ukuthi ngizokuthola unobani futhi nakhu ungaphenduli nemilayezo yami ngangizitshela ukuthi awusafune lutho olukuhlanganisa nami"cha kwababuhlungu ke ukuzwa lokho,ngasukuma ngayongena Emotweni ngabuya ne jacket yami ngamugqokisa ngoba kwasekunomoya ohlabayo wabonga"lucky kukhona ekumele ngikutshele khona"ngezwa nginovadlwana nje ngabuza ukuthi yini leyo?wafaka isandla kwi hand bag yakhe wabuya notho kodwa kwasekumnyama ngathi asingene emotweni sasukuma sangena ngayidumisa ngakhanyisa ngaphakathi ngavulela nomoya ofudumele, wabe esengibonisa ibhokisana walivula lalinendandatho,ngabuza ngokuthuka ngathi ekabani le ring?"Lucky ngicelwe umshado ngesonto elendlule"kwathuleka emotweni inhliziyo yami ngiyizwa ishaya ngamandla"Lucky ngicela usho utho plz"ngajikela kuye ngalivala ibhokisi lendandathi ngase ngimubuka emehlweni ngabuza ukuthi lokhu ngabe kusho ukuthi kuphelile phakathi kwethu?"Yebo cha angazi Lucky ufuna ngithini ngempela?"Ngathi kuye ngicela angiphendule"wangibuka nganezinyembezi amehlo wathi"ngicela sihambe Lucky ngiyakucela Mapholoba"ngangingasazi ukuthi ngithini kuye ngadumis imoto ngangena indlela kungekho okhulumisa omunye safika kwaZondo kusemunandi kujakadulwa nabantu sebedakiwe futhi,ngangena ngavalelisa kulabafo balapha ekhaya ngabika ukuphuthuma ngasekhaya bangaba nankinga bathi babonge ukuba ngifike ngibuye ksasa kuzobe kusasindwe ngobethole nakhona ngabathembisa ngahamba ngathi sengiyofika emotweni waqhamuka uZanele ezonginikeza I jacket yami,ngabuza ukuthi ubeliphethe na I jursey?walandula ngathi angayigcina ngoba sekuyabanda vele ngizoyithola nangomso"Lucky ngicela ungahambi bandla ngiyakucela Mapholoba"wangibuka ngancengngayo amehlo.ngathi kuye angeke ngikhone ukuhlala ngenze ngathi ngijabule ngibe ngingajabule fanele ngabe ungazi kahle ukuthi angiwaphili amanga,ngase ngithi abe nobusuku obumnandi ngangena emotweni ngahamba ngamshiya emile.dankie baloyi uyeza u part 2.

0 votes
Comments (0)

No comments yet. Be the first to comment!



Related posts
Loading related posts...