John

Ichilo kodwa 14

John • 26 Jul 16 18h35

Hhiya bathakathi bansondo,abantu uma besothandweni akubuzwa uyababona nje injabulo uyibona ichachamba Ebusweni babo,nami ke no Sbongile sasikuleso simo,sahlala impelasonto yonke sabhebhana saze sabukana kwaba isonto ngamuhambisa kubo ngabuyela ekhaya,ngathi uma ngifika ngangena engubeni ngoba kwakubanda vele,ngathi uma ngibheka ifown ngoba ngangiyishiyile ngenkathi ngihambisa uSbongile.ngathola inqwaba yama missed calls abuya kumaZondo nemilayezo ethi ngimufownele uma ngithola lemilayezo,ngamusendela umlayezo ngibuza ukuthi sengingafowna na?waphendula wathi yebo,ngamshayela sabingelelana ngamtshela ukuthi bengiyishiyile ifown khona lapha bengisaye khona"ow ngiyabona cha ukuhamba kwami kukukhululile bo angikaqedi maviki mangakhi kodwa usunesithandwa esisha yingakho nje ungasanginaki"cha indaba ayihlali phansi ke lana,ngavele ngazehlisa ngaxolisa"uxolisela kuphi ngempela Sbonelo hhe?"Ngaqala ke ngamutshela ukuthi akazazi ukuthi ukhuluma nobani,futhi yena kumanje uhleli kamnandi nomyeni wakhe mina ke mele ngincele izithupha lana ngilinde yena ngingazi ukuthi uyobuya nini?futhi phela usengumfazi kababa lokho akushinsthi,yebo ngiyamuthanda kodwa mele angicabangele nami nginemizwa"owk ngiyaxolisa Sbonelo bekungamele ngikushushise ukuthi nje ngithe uma ngizwa kuthiwa unentombi ngaba buhlungu ngagajwa nayiskhwele,ngiyaxolisa kakhulu Sbonelo ngicela ungangidinelwa bandla nami angizenzi"ngavele ngaphuma kulendaba ngabuza ukuthi ukuphi ngoba ekhuluma nefown ekhululekile nje uphi ubaba nomaHadebe?"Ow ngingedwa mina baphumile umaHadebe akekho kahle so basamuphuthumise kwa dr"ngabuza ukuthi yini unani umaHadebe?"Mina ngisola engathi umithi bt ke angikazi ngizozwa mabebuya"ngaba novadlwana kodwa ngalufihla kuye,sazixoxela ke esengibalisela ngokuthi yena uyazisola ukuthi uzeleni lana ngoba kuyafana ubaba utetemuka nomaHadebe nje and usola ngathi kukhona akwaziyo ubaba,ngathuka ngabuza ukuthi ukushiso yini lokho?"Angazi Sbonelo bt nginalomuzwa nje ongafuni ukusuka enhlizweni yami,ngiyakucela bbe ngicela sihambe asibaleke singaziwa ukuthi sayaphi angisayikhoni lempilo mina"eish ngamuzwela kodwa ke kwakungelula ukuthi lokho kwenzeke,ngamucela ukuba abekezele okwamanje,wavuma kodwa uzwa ukuthi kunzima"ngiyakuthanda Sbonelo ngicela ukubeke emqondweni nasenhlizweni yakho lokho"mmmmm cha ngibhekene nengwadla lana.savalelisana kunzima kodwa.kwathi ebusuku ngathola ucingo ingaveli I number ngaluphendula"Sbonelo kunenkinga lana kumele sikhulume"ngezwa mos ukuthi umaHadebe lona and ukhuluma sakuhleba,ngabuza ukuthi ukhuluma ngani?"Ngikhulelwe Sbonelo and akuyona ekababa wakho lengane uma ngibala lamaviki kuyangicacela ukuthi eyakho lengane,ow wee nkosi yami uzongibulala ubaba wakho infact uzosibulala uma engazi ngalento"ngamutshelaukuthi akehlise umoya,ngabuza ukuthi ukuphi?"Ngingaphandle ubaba wakho bayadla nomaZondo ngaphakathi endlini"ngamutshela ukuthi akasuke eduze nendlu ayomela qekelele nayo nangempela wavuma,ngase ngimubuza ukuthi ubaba wazini?"Uyazi ukuthi ngimithi ujabulile kodwa akawazi amaviki futhi angazi uma engabuza ngingathini,ngithukile mina Sbonelo angikhoni nokumubuka emehlweni nje manje,yena ujabulile manje uma engazi ngalento izomubulala nya"ngamutshela ukuthi angathuki ubaba ngeke abuzane namaviki lana yena akakhululeke nje ingane eyakhe ubaba yilokho nje okumele akwazi okwamanje"usho ukuthini uma uthi okwamanje?"Ngamutshela ukuthi ikusasa alaziwa so okwamanje akakujabulele ukuthi uzoba noswana"owk ke ngizozama bt ngicela ungayithatheli enqondweni yokuthi lengane eyakho zitshele ukuthi ekababa wakho"ngavuma savalelisana azange behle ubuthongo ngalobo busuku kwasa zafika ekhaya izindaba zokuzithwala kuka maHadebe babejabulile ekhaya,yangidla ke lento manje phela baningi abantu abazohlukumezeka uma kungavela ukuthi eyami lengane.umaZondo yena waba nokukhululeka ngoba ubaba wayenakane nalona omthwelele umntwana.kwangikhulula lokho emoyeni lwaqina ngamandla nothando phakathi kwami noSbongile ngoba sase sibonana amahlandla amaningi impela.ake ngime lana okwamanje baloyi,angibhebhangalana kulesiqephu kodwa kwesilandelayo kuyoqhawuka unobathane,uyeza u part 15.

0 votes
Comments (0)

No comments yet. Be the first to comment!



Related posts
Loading related posts...