John

Intombazane ena 16yrs

John • 02 May 16 22h39

Ngiphuphe kunabantu owesifazane nowesilisa bafika kimi bathi bangilethele umuntu ozobamba isikhundla salo engangimthanda, bengasho ukuthi ubani kodwa bethi babona uthando engangimnika lona. Lona abamlethe kimi uhamba nabantu bamuzungezile bamfihla ubuso ngento emhlophe efana nalezizinwele ezithengwayo, uma esembulwa phambi kwami avele athi hawu umuntu omdala kanje ahleke kodwa ayi kabi. Kube sengathi siyahamba nabo singena endaweni okuzomele sehle ezitebhisini ezimbi ezehlayo, uma sesibuya ngishelele kuzo kodwa ngigcine nginyuke kanzima kuzo, ngifike phezulu ngithethise abanini bendawo, yena lomntwana usehleli ngaphezulu esihlalweni avele angihleke

0 votes
Comments (0)

No comments yet. Be the first to comment!



Related posts
Loading related posts...