Hhiya bathakathi bansondo,ngamuthandangiqala ukumubona Bongi futhi ngingazenzisi kusukela sisebancane uthando engangimuthanda ngalo wawungeke walufaanisa noma uluqhathaanise nalutho ow hhe ngoba uthando uyisilima ngoba awubondi,sakhula ngizibika kuBongi angayishayi ndiva kwathi noma siqeda umatikuletsheni saba nenhlanhla yokuya. Kwesisodwa isikhungo semfundo ephakeme kodwa nakhona kwala ngangike ngisuke ekhaya ngiyozibika kuye u Bongi uma sengifikile kuye kwale ngijike ngingashongo lutho kuyena ngibuyele ekhaya ngangize ngizitshele ukuthi akangifuni nje ngoba sentula ekhaya ngingagqoki izimpahla ezisezingeni kodwa ngoba ngangimthanda ke ngangizokwenza njan?ngaqala ngaqalekisa oowadala uthando ngangike ngizivalele ngedwa egumbini zehle zilaandelana,ngaba nenhlanhla ngasheshe ngawuthola umsebenzi okwakuwumsebenzi nje kodwa ungenelisa futhi ngakwazi nokuthingilivuse ikithi,kwamenyezelwazaphuma izimemo endaweni ukuthi uyashada uBongi kwakuthi ngivele ngiyomuthanda ngimuthumbe kungazi muntu ukuthi sashonaphi,kodwa awumuzwisi Ubuhlungu umuntu omuthandayo kumele nje umeseke ezinqumweni azenzayo,ngamusendele umlayezo ngimhalalisela wabonga"Ngiyabonga Bongani and ngiyaxolisa ukuthi akulunganga phakathi kwethu yize usungilandelele iminyaka engaphezu kwelishumi"ngasala zehla lwafika usuku olukhulu cha ngahluleka ukuya,washyezogana khona endaweni uBongi eshada nomfana wakwaMakhanya owayesigwili wawubabona ndawonye uyobone injabulo ibhalwe ebunzini,kwake kwaphela iskhathi ngingamuboni ngazitshela ukuthi mhlawumbe basazikhiphile nesoka lakhekwathi ngelinye ilanga ngidibana no Siza okuwumngani wakhe omkhulu wayengikhonzile ke uSiza futhi wazama ngawo wonke amandla okuba sithandane noBongi kwala,sabingelelana wase ecela ukuba sixoxe wangihola saze sayongena emotweni yakhe"Bongani yazi kudala ngifisa ukukubona kodwa ke ngingazi ngizokuthola kanjan"ngavusa izinhlonze ngabuza ukuthi kwenzenjan?"Wamugcina nini uBongi?"Ngathi kudala ngaphambi kokuba ashade"Bongani umngani wami akeneme futhi uyahlukumezeka kuloya mshado,uyazi ukuthi lendoda yakhe seyamuyekisa nomsebenzi ngoba isaba ukuthi kwezinye izinkathi uya edumbile ebusweni ngoba ibimushaya?"Ngalandula ngithi cha angikwazi lokho mina,futhi minangamukela ukuthi uBongi akangifuni"Bongani ngiyazi ukuthi uyamuthanda umngani wami and ngangihlezi ngimtshela kodwa ke ngahluleka,okubuhlungu ukuthi useyalikhalela ithuba adlala ngalo,uyazi indoda yakhe ingena namantombazane ekhona endlini mayekhuluma uyamushaya?noma eya kubo imulanda ngo dli"ngashaqeda ngezwa inhliziyo yami idabuka phakathi kodwa ke ngingenzan uBongi wazikhethela lempilo,ngatshela uSiza ukuthi angikhonzele ku Bongi and amtshele ukuthi aqine nje kuzolunga,ngakhipha lawomazwi izinyembezi ngizibambe ngezinkophe"ngizomtshela Bongani,tell me usamthanda angithi umngani wami?"Ngamtshela ukuthi as much as ngiyizonda lendlela engizizwa ngayo ngoBongi kodwa ke iqiniso ukuthi akukho engingakwenza,wayikhetha eyakhe indlela,sahlukana noSiza,yaqhubeka impilo kodwa nginexhwala emoyeni,ngathola iskhundla emsebenzini ngazithengela umuzi nemoto yakanokusho kwashoda ukuba ngithole umuntu nami engizomthanda ngimenze umfazi kodwa ke nakhu uvimbileuBongi enhlizweni yami.ngathi ngizihlelele endlini ngizibukela umabona kude ngathola ucingo engingalwazi ngaluphendula,umuntuwakhona wathula wangakhuluma ngabathe ngithi hellow wathula nje ngaze ngaluvala,ilanga elilandela lapha kwaba yiso leso,ngathi uma ngiyifownela ingabanjwa.ngagcine sengingayingeni indaba yayo,ngathi ngisuka kwi meeting emsebenzini ngiqeda ukutholela inkampani yethu inkunzimalanga ye contract nganikwa izinsuku ne price. Yohambo lwababili lokuyoncebeleka,ngabonga ngahamba ngaya endlini,umbuzo enganginawo ukuthi ngizohamba nobani?wangenza Bongi ngokuthi ngikuthande ngalendlela engikuthanda ngayo,nganquma ukunikeza ubaba nomama ukuba kuhambe bona bajabula bezoke bashaywe umoya nabo.ngaphinde ngaluthola lolucingo futhi ngangishayela futhi ngihamba ngesivinini esiphezulu ngaluphendula kwathuleka njengejwayelo ngathi Uma ngithi ngiyalususa endlebeni Yami ngezwa izwi lowesimame owayezwakala ekhala"Bongani ngicela ungaluvali ucingo"ngashaywa uvalo engangilwazi lwalubuyaphi kwaba mnyama amehlo ngaphaphama esibhedlela sengitshelwa ukuthi ngingeniswe ezinsukwini Ezimbili ngingenisiwe ngaba sengozini yemoto,umama nobaba babuya bengaliqedi neholidi uSiza nguye owabafownela nokunguye owazi ukuthi kunotho oluvelile kimi uthi watshelwa uBongi okwakunguyena owayefownile,naye bathi uke wafika ezongibona,kodwa ke ngangaboni lutho mina,khona bathi kwakukubi ngifika kodwa manje sengikulungele ukuya ekhaya,ngacela ubaba ukuba azongilanda nangempela bafika bangithatha nomama. Bangiphoqa ukuthi ngiyohlala nabo ekhaya nganqaba,baangisa kwami nalapho ngabuyisa unqondo ngalikhumbula izwi likaBongi,ngalulama ngokushesha ngalethelwa nenye imoto kodwa emsebenzini bathi ake ngihlale ekhaya,kwaphela iviki,ngashayelwa uSiza ucingo"Bongani unjan manje?"Ngamtshela ukuthi ngingumqemane manje"owk ngizoza ngizokubona ngolwesihlanu ngoba ngisheshe ngishayise"ngavuma ngafuna nokumumangaza,lwafika ulwesihlanu ngavuka ngahlanza indlu ngayothenga inyama neziphuzo nama rolls,wathi uma ethi uzofika esigamini sehora ngabasa ngabe ngosa inyama wafika ngangosela celeni kwendlu ngezwa iduma imoto naye wehla weza ngakimiebona usi"hhawu cha nginonyawo oluhle bo