Nginibingelele bakhunkuli ngalolusuku lwembokodo enhle kakhulu. Mina ke nje ngiyikhonzile imbokodo hayi ngalokhu okucabangayo, buya lapho! Bayasebenza labantu futhi bayazimisela uma benza into baphumelele noma izimo zingabavuni. Ake ngithi nje umdali ubagixabeze ngezinhliziyo ezibhalwe"SUCCESS"! Mina nginguMsizi Klaas sengihlanganise amashumi amanti eminyaka yobudala, sekukhulekile impela khona ngibadlile okhisimusi nekade bengiphathele kona kodwa ngiyindoda akukadeleki. Kulempelasonto edlule bengimenywe nguNomazwe udadewethu ongilamayo nekuwuyena esisondelene kakhulu sizwana ngalendlela. Yimina ngedwa umfana kubaba nomah phakathi kwezintombi ezinhlanu ezimbili zazo zalibona kuqala ilanga kunami bese zithanda ukungenza ingane kakhulu. Ungeduswa yilenkulumo yami awungeni umoya phakathi kwethu ziyavutha ezakwethu uma uke nje wathi uyangisukela kanti zizonke azenzi lutho ngaphandle kwami. Siqhathwa nje uphuzo lwami nokushinshashinsha abafazi ngibayeka sebenezingane zami bonke. Ngisuke ngolwesihlanu la eThekwini ngihamba ngebhasi ngilibangise emzini wakhe uNomazwe osendaweni yasemakhaya. Kahle kahle laphana benza inkonzo yokubonga ukunqoba ukhetho esiphuma kulo. Emini kade kuthe chithi saka imigubho kulabo ebesebenesiqiniseko sokuthi badle umhlanganiso ezindaweni zabo yize imiphumela ibingakapheleli yonke. Kweyabo indawo phakathi kwababelungenele bekukhona nomama abakhonza naye obuye abengumkhokheli wabo ebandleni onendoda eseyabhunguka iminyakanyaka. UMamsomi lo uphinde abewumngani omkhulu kaNomazwe. Kuhlangene imbokodo ke benza umkhuleko omkhulu wokubonga ukuthi enkonzweni yabo sebezoba nekhansela lendawo. Ngifike kuduma iholo ingoma iqhuma phezulu ngezikhathi zehora leshumi kusihlwa. Ngizidlela izinto zami mina nlomkhosi engize kuwona awukho enhliziyweni yami kangako kwazise akukho okungijabulisayo ngalolukhetho nangala ngisuka khona! Ukuba la sekwenziwa ukuthi nje ngimkhonze kabi umntakababa nethemba lokuthi ngeke ngingatholi okuthambathambile la kubangani akhonza nabo. Ngingene eholo ngisaphethe isikhwama sami ngoba phela ngiyazi yize kula eduze kadadewethu kodwa nginesiqiniseko sokuthi bonke nabashana bala kulomkhosi. Nesiyoyoyo esiwuSbali ngisibone sigida kakhulu ngenshebe ende siphethe izinduku ezinde ezineziphambano ugqoke ijazi elimhlophe qwaa. Uma ngithi ngiyabheka engithe ngingena wangamukela ngesihlalo yintokazi nje engase ibeseminyakeni eyela emashumini amane noma kusale kancane nje. Ngthi uma ngiyibheka ivele imamatheke ngibonge umusa wayo, ivele ithi "Khululeka malume bengivele ngihlezi lana kuthiwe ngikugade wuNomazwe ngimazise uma usufikile kodwa ngibona sengathi usaxakekile okwamanje. Sibonga nje uNkulunkulu okuthwele wafika uphephile uzozibonela ngosii imisebenzi yabafazi. Bazothanda ukwenza umkhuleko wokubonga ukuhamba kahle kwakho, nakhu sengathi useqedile ake ngiye ngimazise uxolo kancane" Ithi thwasu lentokazi esitho sihle nezinqa eziphume kahle ejazini layo eliluhlaza satshani ngithi ngiyayivimba ngizobuza ukuthi isidingo sokwazisa ngami sikephi ibe isihambile. Ihambe umzuzwana nje yabuya isthatha isikhwama sami ithi ngiyilandele. Ngisukume ngiyilandela ivele ingimangaze isingiholela ngaphambili size sifike la kume abaholi bebandla kanye nodadewethu noSbali beme ulayini sithi uma sifika ithi lentokazi sime sibhekene nabo. Sekuculwa ingoma ethe ukuba nesizotha ke manje iholwa wuSbali uqobo lwakhe! Ithuliswe ingoma ngibone uMamsomi ephuma phakathi kwabo eze kimi angibambe ngesandla esifudumele angidonse bese ecela ngibheke ngasebantwini athi "Amen bazalwane! Ngithi ake ngithathe lelithuba ngibonge imikhuleko yenu nonke mbokodo kanye nobaba abahlanganyele kanye nathi namhlanje kulomkhuleko. Besicele ukukhulekela uhambo oluhle endleleni lukamalume umfowabo umama uMazibuko abangamazi nangu usefikile ephephile muhle uthokizile futhi uma ngimbuka nje. Lobaba ke bandla elihle asimphakamisi nje kodwa nonke niyazi iqhaza elibanjwe wuNomazwe ehambisana nobaba uMazibuko ekukhankaseleni ukuthi nibe namhlanje ngime nginqobile kulesisigceme. Niyazi abasebenzi nobabili kanti ngokukhankasa liyaguga iphakethe. Ngomusa weNkosi yethu ingene enhliziyweni kamalume elokhu exhase njalo ngezimali zakhe engacelwanga muntu. Siyabonga kakhulu kubab" Klaas iNkosi imandisele la ethathe nelokugcina isenti!" zasha izandla eholo, "imbokodo inqobile ngokwesekwa abobaba abafana naye lo bengizocela bangcwele simamukele ngomkhuleko wokubonga in the name of the Almighty bese simdedela ake ayophumula cishe ufile ukukhathala yindlela ngibonakuqhilika izihlathi nakusisi wakhe ujabule ngempela. Siyabonga malume sengathi amaphupho akho onke nezifiso zakho zingafezeka baba" waqala umkhuleko kwasha izilimi sebengathi sebeyayibona iNkosi ngamehlo bakhuluma nayo ngqo! Kwaqedwa lapho wangiphelezela losisi igama lakhe kuwuHlengiwe, sesihamba nabashana bami sayofika emzini kadadewethu nendawo seyilungisiwe ngabeka isikhwama ngathatha ujazi wami ngathi kuHlengiwe ngisabuyela ngizwa kusemnandi inkonzo. Nembala sasika sesibuyela eholo abashana sebegijma phambili. " Bengithi umalume uzokhetha ukulala kusho ukuthi uyayithanda inkonzo?" sekubuza uHlengiwe! "yebo phela umuntu ukhule ngaphansi kwesandla sokudumisa. Kodwa ke Mahlengi phela bengisahlezi kamnandi nawe ula eduze ngilokhu ngikubuka usho kamnandi kudunyiswa manje nginalokhu sengathi ngingalokhu ngikubuka nje" ake athi ukungiziba nje isikhashana bese engibuka athi " awungitshele malume enkonzweni sidumisa wena uthule ubuka abantu bedumisa, wena?" " Mahlengi wena akuke kwenzeke uthi uya estolo ucoshe ishumi phansi? Wenzenjani uyaliyeka ngoba nakhu ubungahambeli lona ubuya estolo?" "Malume mina ngifana neshumi kuwe? Olicosha phansi nokwenza?" Ngijabule ngife engivulela ithuba lokugadla isisoka "Cha cha cha awufani futhi awulingani ngisho besekuthiwa yisigidi sawo ngeke kufike kuwe awunalo inani nkosazana" ahleke kakhulu aze eme angibuke athi " hayi cha wawukhona bo! Impela usisi wakho akanalo ihaba nakancane ngawe. Manje awungitshele uma ubufike wamukelwa omunye nje ugogo ubuzosho kanje nakuyena?" Ngimbambe ngesandla ngimdonse ngimbuke ngqo" uNomazwe ungazi kahle futhi ungithanda kabi ukuthi ubengathi ngamukelwe wugogo! Naye ufuna ngizizwe ngamukelekile ngibeyisitatanyiswa yikho ekhethe umuntu amethembayo osenhliziyweni yakhe umngani weqiniso angeke amphoxe ngokuphatha kabi ubhuti wakhe. Angisho ukuthi ukunikeze lomsebenzi ngoba esishayanisa ngamakhanda kodwa ngokumazi ukhethe ongcono ukudlula bonke abakhona kulomkhosi eninawo. Akudingi ukuthi ngibeyisangoma ukwazi ukuthi unenhliziyo enhle njengawe!" Sixoxa asiboni ukuthi sesifika eholo kuphoqe ukuthi siyinqamule inkulumo singene ngaphakathi sifike izihlalo zethu sekukhona abafanyana ekuthe uma besibona bavele basidedela sahlala. Salalela kuqhuma izinkulumo ezakhayo ezinamandla nezinshumayelo ezivuselelayo zonke zethulwa abesimame. Wangimangaza ukhansela Mamsomi ngendlela owayenomoya ngayo wawungafunga uthi akayena owalomhlaba kodwa uvela phezulu. "Ngiyamhlonipha lomama unamandla phezu kwesibindi sakhe bo! Uyizwa ngaphakathi into yakhe!" angibuke uHlengiwe athi "uyabona uMamsomi uma ekhuleka ungathi akasekho kulomhlaba unomoya kaNkulunkulu futhi ke awumhlanganise nenceku leya ekade ikubeka izandla nobabili bangayidiliza intaba bethanda, kuyafiwa laphana ngiyakutshela" ngibenombono wokuthi sengiyahamba ngithi ngizocela uma kungeyona inkinga angikhiphe nje, sengenzela nokuqedela inkulumo. Avele asikume ngele kwenkulumo aphume ngimlandele eduze. Uma sesihamba ngibona engajiki ngicabange ngithi ngaphakathi lomuntu useshayeke ngingakaqedi ukudedela izagila zami kanje. Ngithi ngingaxovi kuseze kahle size siyofika. "Why ungangibuzi ukuthi ngiyaphi mina malume?" ungizume lombuzo ngivele ngingingize kungezwakali ukuthi ngiqonde ukuthini! " hawu wangiphoxa malume wabanjwa amalimi mgikubuza! Ubuthi ngilandela isoka mhlawumbe? Hahaha! Bekuthiwe ngize ngikulungisele ukudla uma usulala ngoba usisi wakho engafuni ulale ushawe yinkemane. Yilokho engizokwenzela khona ngibuyele enkonzweni" Afike avule endlini akhumule ijazi elitashiwe neduku ekhanda kuvele umeluko omuhle nezindlebe ezinkudlwana nje ezilele. Ngimbuke uMahlengi emuhle umntanomuntu bo. Ngicabange ukuthi sengathi lizongishiya lelibhasi kodwa ukusala ngengubo lingekho ijazi neduku kusho okuthize. Ngangike ngizwe kuthiwa izintokazi zalamabandla akuvumelekile uyithinte izigqokile! Okusho ukuthi uMahlengi ukulindele ukuthi ngingeqa ezimisweni abasebenza ngazo. Nami ngikhumule ujazi wami ngiwuphonse phezu kombhede awususe athi" Ushukuthi malume uzolala ngojazi? Ngibona phela uwubeka la uzolala khona!" nami ngizibone sengimbamba aphakame kodwa engifulathele ngithandelise izandla zami okhalweni ngimsondeze aze azoncika esifubeni azame ukususa izandla zami, " sekwenzenjani manje malume? Uthi ngikulungisele kanjani uma uzophenduka umuntu engingamazi?" "Mahlengi angikajiki kulokhu okuncane okwaziyo ngami kuphela nje ngicela indlebe yakho sisi. Ukukubamba akusho ukuthi ngisebenzisa amandla engingeke ngibenawo noma ngithi yenza ongakuthandi. Ukuthi nje ngizwe sengikubambile hayi ngenhloso embi kodwa ewu, Mahlengi nkosazana isilima lesi esiyimi sinenkinga yokwehluleka uma ngikubuka ngiphelelwa yithemba lempilo engenawe phakathi. Angazi lutho ngempilo yakho kodwa ngibona ithemba lemfudumalo yenhliziyo yami nami ngifudumeze eyakho nkosazana!" aphenduke angibuke esesezingalweni kanjalo angibuke emehlweni emoyizela sakubhuqa! "Malume uyazi uyangixaka ngempela wena, uthi manje ufuna ukufudumeza inhliziyo yami ikude ekujuleni kodwa ngisalinde ukuthi uzokwenzani ngendlebe yami ogcine uthi ngikunike yona! Hayi hayi malume awuzazi izindaba zakho......." akaliqedanga lelo ngabe sengilugijimisa endlebeni ulimi washonisa intamo phakathi egigitheka ezama nokuziqaqa sathatheka sayokuwa phezu kombhede wabangaphansi sengimngenele ngilimi nasemqaleni wathi ukuthula manje ezwa ubhokfela equmbile phezu kwakhe! Ngamdedela ngaphakama ngahlala phezu kombhede ubuso ngabufaka phakathi kwezandla. "Hlengiwe ngiyaxolisa nkosazana ngalosathana ongingenile sisaqala nenyanga yabantu nesifazane nibe nibonga nokunqoba kunye uzakwenu. Manje yimuphi umlando engiwuqophayo manje? Ngiyaxolisa kakhulu angaphoxeka kabi udadewethu akangazi nginje" ngizwe ngempela nginokukhulu ukuzisola lokhu ngobuhamunca engibuvezela umuntu esimgazani nakanje. Ngizwe ngaye esehleli eduze kwami angibambe izandla azisuse kanti sekwehla izinyembezi mii. "Ncese malume mina ngiyalwamukela uxolo lwakho ngiyazi uyindoda eqotho usisi wakho uhlale esixoxela ngawe ukuthi uwumuntu olungile onozwelo, ncese babah" asho engibhrasha emhlane. "Mahlengi bengithi ngizama ukuthi ngiyakuthanda kodwa ngayiqala kabi lendaba""Yebo ngizwile babah futhi ngiyabona kodwa phela yehlisa umoya ngikhona la eduze kwakho nje!" washo engibamba ubuso engibuka kwasondelana izindebe zathintana wacimeza ngathi ngizama ukumtshela ukuthi ngiyamthanda langaphuma izwi ngagcina ngisho ngesihosho ngathi " HAPPY WOMENS DAY" samunyana strongo!!!!
Comments (0)
No comments yet. Be the first to comment!