John

No Title

John • 28 Dec 16 23h34

Hhiya bathakathi bansondo,ngiyinsizwaena 29 ngiyinsizwa yakwabo impela angishodi ngalutho,emva kokundlula emhlabeni kwengoduso yami ngasala nginesibazi esikhulu enhlizweni yami nokwalela uma sengithi ngizinikela kwembangab" thutha(utshwala)kwanhlanga zzimuka nomoya,okwakufike kungiqede tu kwakuthi uma ngibuka indodakazi yethu eyayifana nse nonina zivele zehle,impilo yami yaqala yabanzima okunye okwakwenza kubenzima kakhulu ukuthi sasesakhe kude nasemakithi,kwalela noma umama ethi uyamuthatha u Sane(indodakazi yam)nganqaba ngoba yayisiqalile eskoleni futhi kuphakathi nonyaka,so kubobonke lobunzima umuntu owayengixhasa engeseka futhi kwakungumngani wayo ingoduso yami uZinzile hheyi yayisikhonzile leyantokaazi kwathi noma seyibona ukuthi isimo sami siya ngokuba sibi yanquma ukuba umama kuSane yamuthatha yayohlala naye kubo yamenzela yonke into njengomntwana wakhe yize yena wayengenaye okungowakhe kodwa waba umama kuSane wami,engakhohliwe nawukuphosa iso kimi,kwakuthi noma ngikhumbulile ukuthi nginengane ngiye ngiyomubona kodwa ngangizwa ubuhlungu ngoba wayevele angikhumbuze unina ngizizwe sengifuna nokukhala,ngangithuka esethi uZinzi"Sabelo plz ungakhali phambi komntwana ngiyakucela bandla"wayeke esho engiphulula ehlombe,ngezimpelasonto eze naye ngichithe nabo iskhathi,mmmmm uZinzile kwkuyintokazi eyayikahle iyiphofukazi isho ngothotho lwamazinyo nezifaca ezihlathini yayingufulathela simubheke izinsizwa abuye akubhansele ngenhlonipho nokuba nomoya ophansi.kwathi bengivakashele ngenye impelasonto sizihlelenje kwami ngezwa uSane emubiza ngomama uZinzile wathuka sabhekana sodwa,waphuma wayodlala,sasala sibuzana sodwa ukuthi kusukelaphi lokho,nalapho uZinzile aqala khona wathi"Sabelo ngiyazi kunzima kangakanani kuwe sonke sibuhlungu kodwa sekundlule izinyanga ngilokhu ngikubuka ulahlela impilo yakho ophuzweni nokungizwisa ubuhlungu ngoba umngani wami akuyona into ebengayijabulela leyo,ngicela wehlise bandla and khumbule unendodakazi iyamudinga uyise"wakhuluma uZinzile esegcwele izinyembezi emehlweni,angena ajula amazwi akhe kimi ngangiphethe I glass elaline whisky esandleni ngalibeka phansi ngasondela kuye ngamuwola waqamela esifubeni sami ngoba wayesekhala.ngamduduza ngabuye ngabonga ngakho konke asengenzele khona ngase ngithembisa ukuthi ngizozishintsha izindlela zami futhi konke akushilo kwenza inqondo,waphakamisa ikhanda wangibuka sama sabhekana ngamusula izinyembezi demed muhle uZinzi,washalaza waqhela kimi wasukuma wabiza uSane weza wase ethi akaqoqe izinto zakhe bezohamba,ngabese ngicela ukuba abalale bazohamba ngakusasa ngesonto,wavele wangidonsa ngengalo uZinzi saqhela phambi kwaSane"Sabelo uthini manje ufuna bathini abantu ingane yona uzoyinika isithombe esinjan?ungasala nje nomntwana kodwa mina ngizohamba"ngangingayicabanganga ke

0 votes
Comments (0)

No comments yet. Be the first to comment!



Related posts
Loading related posts...