Bandla lakwethu sanibonani,sahlala phansi sigonene nesthandwa sami saze sakunyiswa ukubanda sasukuma Sagezana saphuma sayongena ezingubeni sahlela ngekusasa lethu.mina ngase ngifuna ukumushada uSbongile ngazi ukuthi ngiqedile ingane yami ikhule phambi kukayise nonina,salala kwasa ngamuhambisa ekuseni kakhulu kubo ngabuyela ekhaya ngafika ngageza ngase ngikhulumisana nobaba ngendaba yokugcagcelwa nakuba Ayijabulela kodwa wathi kimi ngathi sengithatha ngamawala,ngamutshela ukuthi uSbongile uzithwele ngifuna umzukulu wakhe afikele emshadweni"hhawu Khabazela usho ukuthi sengizoba umkhulu kungekudala nje?"Ngamutshela ukuthi kunjalo, wavele wathumela ingane ukuba iyobiza umama wafika wamutshela wavele wakikiza kwaze kaphuma nabo bonke omamncane bekwa umkikizo Babatshela izindaba ezimnandi bangijabulela kodwa ngaphela UmaZondo wajabula kodwa ubona ukuthi akajabule ngokuphelele,zahambaizinsuku zalanywa izinyanga sakhula mawala isisu kumaHadebe,thina noSbongile sasihlela ukuthi sishade kodwa ngokuqinisa ikhanda kuba baba wakhe sagcine sivumelene ngokuthi soshada uma esethole umntwana,ubaba wayesebuyele ekuzinzeni kwakhe egoli nomaZondo umaHadebe ehamba nje ngaleso skhathi,ngangihleli endlini nje sekuhlwile uma kungena umaHadebe wangena umubona ukuthi akekho kahle,ngamuhlalisa osofeni ngabuza ukuthi ukhathazwa yini?"Yazi Sbonelo ngenze iphutha elikhulu ngenkathi ngisegoli"ngathuka ngabuza Ukuthi yini leyo ngabe umntwana ukahle?"Umntwana ukahle kodwa wena ngicabanga ukuthi usengozini"ngathuka ngabuza ukuthi ukhuluma ngani?"Ugcine nini ukukhuluma nobaba wakho?"Ngaqala ngacabanga ngaqaphela ukuthi sekukudala ngingakhulumi naye ngoba nangenkathi elethe umaHadebe azange nje abe nesikhathi sokukhuluma nami,ngaqala ngakhathazeka kakhulu,ngoba bengingayinakile lento,ngaqala ngabuza ukuthi kwenzakaleni ngenkathi esegoli?"Sbonelo kumele uthathe uSbongile nihambe ngiyakucela,bengilokhu ngicabanga Nje kodwa sengiyabona ukuthi akukho fair ukuthi ngingakutsheli"ngadineka ngamubuza sengiphakamisa nezwi"khona ilanga ebengilelekhona nobaba wakho sasise busy senza ucansi ngazithuka sengibiza Igama lakho"ngathuka ngoma ngangazi ukuthi ngithini"ngiyaxolisaSbonelo ubaba wakho Wabuza ukuthi ngithini?ngaphika kodwa mudala ubone kahle nje ukuthi khona okushaya amanzi yingakho engibuyisile futhi akafowni akenzi lutho nangendlela ebesengithatha ngayo nje ayikho kahle ngoba uyabona ukuthi kukhona okwenzeka phakathi kwethu"ngezwa kushwaqa ihwanqa ngazizwa ngishwabana,ngathulakwathi ngelikade ngathi kuye kumele ahambe aye kubo until ebelethe"kodwa ngizokwenza kanjanlokho ngizomqala ngakuphi ubaba wakho ngimcele into enjena?evele engangikhulumisi,andnomaZondo ulokhu. Engibuza njalo ukuthi kwenzekan?"Ngamtshela ukuthi angazi ukuthi uzomucela kanjan ubaba kodwa kumele,sahlukana kumuncu impela.ngangicabangainto ubaba angase ayenze uma elithola iqiniso futhi kumanje nginesiqiniseko sokuthi uselinde izalwe lengane ukuze aneliseke futhi ngendlela anenhliziyo yetshe ngakhona angafuna nokuthi kwenziwe uhlolofuzo ukuqinisekisa ukuthi eyakhe na lengane,impela kuzophuma isdumbu phela lana phela yonke lento iyiChilo nje,kwalapha ekhaya bangangibheka kanjan?uSbongile yena angangithatha njengomuntu onjani?umaZondo yena ngingamubhekelwa Ubani?
Comments (0)
No comments yet. Be the first to comment!