Omnyama ubalekela omnyama ingani phela omnyama yamnyanya omamnyama, membona ngathi engamugaxa isbhaxu.Inyama emnyama inukela kabi omnyama. Impela inyoka iziluma umsila. Kumnyama engqondweni sekuze kwamnyama nasemehlweni, angisaboni nomfowethu. Ingabe indlela eya phambili ngizoyibona ngani............ Masihlanganeni ma-Afrika. Sesafana nezilwane sesahlale sibhodla igazi kungcono nezilwane ngoba ibhubesi alilibulali elinye. Thina nje sizinyoka zona ezikwazi ukudla ezinye. Umuntu omnyama mebona omunye ehluphekile akusavuki umunyu kodwa kodwa sekvuka unya. Ngani phela abusekho ubunye e-AFRIKA........... Masihlanganeni ma-Afrika. Thina sinyamanye, gazilinye, mbalamunye into nje isahlukanisile imincele nje, lemincele le eyafika nontabakayikhonjwa, abayifakanga emhlabeni wethu kuphela kodwa naphakathi emakhanda ethu.Bayiqhathile bayishiya, thina sibulalana sodwa, sibala iydumbu abezizwe babala incebo ezweni lethu. Impela kumnyama ezingqondweni zethu buphelile nya ubuntu.I-AFRIKA EYAMA-AFRIKA MA-AFRIKA. Asihlanganeni singavumeli omakhonjwa ngekhanda basihlukanisa basivezele umehluko ongekho.... MASIHLANGANENI MA-AFRIKA. I hpe nizoyithokoze ma Afrika bengithi nje ngithatha amachance.
Comments (0)
No comments yet. Be the first to comment!