�Oh! My god, ngizokwenzenjani manje?� um�buzo lowo owabuzwa wu Thandeka emva kokuvala ucingo ngenxa yokuthuka ethuswa wukuthi indoda yakhe ithe ikwi driveway kubo,, kwake koma amathe nakmina ngingazi ngizothini n ngyam�bona uthuke okwangempela n angakhala noma nini manje, �ngike ngizwe kthiwa umakoti nomkhwenyana abavumelekile ukbonana ngosuku olwandulela olomshado� lawo amazwi ami �into ongayenza manje ukufonela uMdu umtshele lokho, im sure uzoqonda,, ehlisa umoya and play hard to get ungamkhombisi ukuthi uthukile� kuqhuba mina. Wathatha ucingo lwakhe wafonela uZinhle �Mngani ngicela ungsize, ngisenkingeni, uMdu uthi ulapho uzongbona n mina angikho�,,,�INI? AWUKHO? UKUPHI?, kubuza uZinhle ngokumangala,,�mngani angazi ngingenwe yini kodwa ngifikelwe umcabango,,,, anyway ngizokuchazela uma ngfika, ngilana ngizobona u College boy�� �HAIBO! Usangene yini Thandeka,ungayenza kanjan into enjalo? Kubuza uZinhle,, �mngan sekwenzekile ngicela ungsize uye ku Mdu uyozwa ukuthi uthini n umtshele ukuthi ngthe ngyamthanda n I cant wait ukum�bona ksasa. �YAZ THANDEKA USUPHUMILE ENDLELEN NGEMPELA MANJE,, impela uyakuhlanyisa lo College boy wakho, ok I�ll c wat I can do but ngyagcina ukunisiza kulokonala kwenu n plz buya lapho MANJE. �oh laba bangbiza ngo College boy, yaz baying jwayel, ngisho ngenhliziyo, �Thandeka kumele uhambe ngempela or else kuzokonakala okuningi. �Yah uqinisile kuzomele nghambe n kmele nghambe nawe,, asibaleke plz,, siduke nezwe,, uma ungthanda uzovuma n sekonakele manje vele�. �No Thandeka angeke ngikwazi ukwenza lokho, angathin nje umama wakho ume ungenza into enjena,, mmmm mmmmm angvumi, ehlisa umoya ubuyele ekhaya, uzokukhavela uZinhle� kwangathi uyathamba, wavuma wasephinda egcizelela ukuthi ngingezi emshadwen wakhe.Ngabuyela endlini nginokuthuka okuncane kodwa ngthemba ukuthi angeke konakale lutho, ngthe ngsalele ngizwa umsindo we selula yami, ngiyiphendule ngisebuthongweni �ey doti usalele yin?� kubuza lo ofonayo �uban lowo?� kbuza mina, �ey fokof wena� kuqhubeka lomunt efonini �oh uMsizi lo umngan wami ohlala emlazi ebesfunda naye enyuvesi� sengizwa izwi, ngimbuze ufunan ekseni kangaka,, �ndoda awungsize nginenkinga la ngilimale ebholen izolo ntambama n bekmele ngisize i-oledi namhlanje so ngicela ungbambele�. Umama kaMsizi une catering company so umsizi ufuna ngithathe iven yakubo kuhambisele i-oledi lakhe ezinye zezinto abazozidinga kulo mshado abayopheka kuwona. Ngoba vele bengingahlele lutho ngvume ke bese ngiya etown ngyogibele itekisi eya emlazi ngya kubo kaMsizi, uma ngfika cha ulimele ngempela uyaxuga so ubengeke akwazi ukushayela. Anginike ke address yalapho kukhona khona umshado n ubese elitshelile i-oledi lakhe ukuthi yimina ozobamba indawo yakhe, ngthe ngphuma nje esangweni lwakhala ucingo �hello� , �mfana wami umama ka Msizi lo, ngicela uphuthuma babah! Syaxolisa ukukvusa eksen kangaka khehla, phuthuma impela� , ay ngiyibasele name ngilibhekise lapho ngibizwa khona. Ngafika kahle ngoba wancoma nomama kaMsizi ukuthi ngisheshile, wabonga, ngamsiza ke ukwehlisa okhal�bhothi abangemumva saze saqeda, kuyaphithizela la kugcwele izimoto zika nokusho, ngicacelwe ukuthi kushada omtakabani, �mfana wami ngizocela ubekhona la ungahambi hleze kubekhona okunye esizodinga ukukuthuma khona� kusho umaka Msizi, ngivume ke nami bese nghlala emotweni ngivule isicabha ngidlale umculo ngiwudlalela phansi. Zahamba izikhathi lwaqala uhlelo n into engiyibonayo wukuthi umcimbi uzokwenzelwa ngaphandle kwazise nelanga liphume kahle akushisi kakhulu n awukho umoya onamndla, ngibona izimbali ezenziwe zama njenge sango, nompheme thizeni khona lapha, ay izinto zesilungu madoda. �Haw bhuti wahlala wedwa waba yisono nje la yini kodwa?� kubuza enye nje ingane eswenke iconsa � haw y ungay kohlala ezihlalwen nabanye abantu lapha?� kuqhuba yona. �ay ngikahle lana mina sis wami� kusho mina,,,mmmmmmmmh yaze yayinhle ingane madoda ime kahle n uyabona ukuthi yilenhlobo ezithandayo le, kuphele imizuzwana iphinde idlule futhi �sisi uxolo kancane bandla, ngicela ukbuza, ayikho indawo eseduze la engingathola khona i-airtime�, nam ngizibuzisa ubala nje, inhloso ukukhuluma nayo �mmm im not sure, oh ya kune garage smwhr around, achaze n ngaleso skhathi ngibuka ubuhle bakhe mina n ngimangazwa ukuba nice kwakhe, phela legenge enhle inakho nje ukuziqhenya especially kumuntu engamazi �haw yaz bhut ngicela ungpathela u MTN ka R30 nami, ngizokunika imali uma usubuya ngfuna ukfonela udade wethu b4 afike coz ngeke nibe nethuba eliningi lokuxoxa nye since kuwumshado wakhe�,,. �eish lomuntu uthin manje� sekuyangphoqa ukuth ngyoythenga le airtime ngempela manje n ngyothengela yena futhi coz mina angiydingi, �mina ngingu Andile igama� kusho mina �Oh im so pleased to meet u Andile mina ngingu Thandoh�, ngyajabula ukukwazi Thandoh, kuqhuba mina,, Thandoh kungenzeka kungthathe iskhashana ukubuya egalaji so ngicela ungnike inamba yakho ukuze ngikusendele i-airtime uma sengiythengile�mmmmm ok , 083xxxxxxx� abonge ke ngitshele umama ka msizi ukuthi ngsaya egalaji, angabi nankinga ngihambe,, kwathi cosololo, inhliziyo igxuma nephaphu ukujabula,, mmmmh umuntu omuhle kanje n usengnike nenamba yakhe,, ay engathi kusazobamnandi la, ngikhuluma ngenhliziyo.. Ngaythenga ke leyo airtime ngamsendela yona, kwathi emva kwemzuzwana kwangena imeseji �u r star, Thanx a loT�. Ngabuya ke egalaji cishe emva kwe hora coz ngathenga nokudliwayo ngahlala nje coz vele angijahe lutho, uma ngfika usuqalile umshado, ukhwenyana isemile lapha nomfundise kulindwe umakoti,, eish uma ngika la ekade ngpake khona sekunezinye izimoto manje so ngipake kwenye indawo n kule angle engikuyona manje ngizokwazi ukubona osngabo bemi phamb kwamfundisi,, yaqhamuka intomb yakwabo igqoke ingubo emhlophe iphethe izimbali, basukuma bonke abantu, ngabona insizwa engimkhwenyana imoyizela ibona isinqandamathe sayo siza kancane sizimboze ubuso ngalokhu okuwu lace okumhlophe, babemile abaphelezeli bamakoti nabamkhwenyana nabo ngokunjalo n ubona injabulo ibhalwe ebuweni kubo bonke, ngaze ngamoyizela name, �yayinhle into� ngisho ngenhliziyo. Yasondela intomb yakwabo kumyeni wayo owafike wayisusa lendwangu emboze ubuso,,, �ngezwa sengathi ngithelwa ngamanzi abilayo, ngathuka koma amathe, kwaba mnyama emini, ngaswela indawo yokucasha�, ngithuswa yinto engiyibonayo la,, �kodwa nkos yami ngenziwami?� waze wangfaka enkingeni umngan wami uMsizi� ngatatazela ngingazi ngizokwenjani, ngajuluka ngamanzi� kodwa nkosi yami,,, lapho kuthulekile manje,, amoyizele umakoti ajike abheke ngakwi audience,,,,,, aweh mah! Kusho mina ngisholo ngaphakathi,, kwaqondana amehlo ami nawakhe,,,,, �Mameshana,,,, sizani bo BHU! Phansi ewa umakoti�,,,kwakhala isimayamaye wonke umuntu,,, uqulekile umakoti,,,,,,,, OH MY GOD,,, MY FRIEND! Lomuntu usholo phezulu n uyamuzwa ukuthi uthukile,,, noma kanjani ngiyayazi leyo voice yize ngingam�bone njengoba sekuphithizela nje��bizani i ambulensi boH!................