John

Kufanele ngenzenjani kanti?

John • 10 Jan 17 10h27

Bathakathi ngicela abangangibonisa lenkinga engibhekene nayo. Sengize ngicabange ukuthi mhlawumbe kukhona namabulawo noma amanzamnyama. Kokunye kungenzeka ukuthi angiqinisi emkhulekweni noma anginikeli esontweni. Ngihlala ngizwa kuthiwa othandweni kufanele wena muntu wesilisa umuphe imali umuntu wakho umenzele konke akudingayo; nami ke owami ngenza isiqinisekiso sokuthi ukuthola konke kodwa avele angijolele angale. Kuthiwa kufanele uhlale umeseka utshengise ukumkhathalela ufike kuqala uma esenkingeni ube wumduduzi wakhe noma ungabanga nesixazululo; mhla ecabanga ukuqoma sezidlulile izinkinga anikeze uthando lwakhe komunye usale uncela izithupha. Kunenkolelo yokuthi umuntu othandana naye kufanele uhlale useduze kwakhe utshengise ukumkhathalela umfisele ubuthongo obumnandi uma elala umvuse ngomnandi usawubona ekuseni umbuze ulele njani umfisele usuku oluhle. Ulalele izinkinga zakhe zasemsebenzini, umbambele ulayini uma eyohola imali yeqolo noma emishinini yokukhipha imali umgadele namaqola uhambe naye aze afike endaweni ephephile umcabuze senehlukana acelwe imali yeslayi wuJabulani amuphe uR20 wena dololo ungabi nandaba vele umthengele ijuice esalinde ukukhipha imali. Uhlanganyele neforum kuthungathwa amasela agqekeze kubo nize niwathole aboshwe, ngakusasa uyangala singakaze sixabane ngoba ngibuze ukuthi akalubambanga ngani ucingo izolo kusihlwa nakhona angimlwisanga! Uma senza ucansi uchama kabili ngimphethe nesidivane sami ngimbhebha aze akhale mii izinyembezi alale sengathi ufuthwe ngedoom ngifika noma nini ngivuke sengilele sengihamba ngivikana namaphara uma ethi ungikhumbulile akukhathaliseki ukuthi kusikhathisini usho kanye aluvake ucingo. Ngake ngezwa bengihleba enabangani bakhe encoma indlela engimuphethe kahle ngayo nengimbhebha kamnandi ngayo encoma indlela ombusisa ngayo umthondo wami. Kodwa usengishiyile akabambi ngisho ucingo lwami. Yini bathakathi ngiyagquma ngichathe ngiphalaze seziphelile izimbuzi zikamkhulu nezinkukhu ezimnyama zikamah abathandazi nezangoma zasho kwancameka! Yikho into yokuqala efikile emqondweni wami kubewukuthi ngingaphinde ngiphe umuntu wesifazane imali, ngingaphinde ngimenze ikhanda nezinzipho, phinde ngimthengele ithikithi lebhanoyi uma ecela ukungivakashela, phinde ngifone njalo, angimthengeli lutho ngcono sihlangane ngokuqhatha izilwane kuphela ukwenzela ukuthi uma ehamba ngingamkhaleli

0 votes
Comments (0)

No comments yet. Be the first to comment!



Related posts
Loading related posts...