John

Wazithwala izono

John • 26 Oct 16 01h58

Ngikhumbule namuhla indaba eyenzeka ngusafunda esikoleni samabanga aphakeme. Kwakunentombi eyayiyinhle impela izinsizwa zishayisana ngamakhanda ziyifuna uthuli. Phakathi kwezinsizwa ezaziyimise kabi ezimbili zazi zazikanye nayo eklasini. Ngezikhathi zethu sasisebenzisa ukubhalelana iziqeshana zamaphepha ukushela phela onkunzana kwakungesikho nokumusaba umuntu wesifazane! Lokho kwaze kwakhula nathi ukungamthathi noma kanjani umuntu wesifazane yikho sisahlonipha yize abamanje ubizwa ngigibel" unwabu. Akuthi kanti intombi isize yancibilika yakhetha ukuyiqoma enye kulezi engena nazo. Yabhala ipheshana kanje" Cha ngikuzwile nsizwa ukugadla kwakho mina sengithule. Empeleni amazwi akho angithambise amadolo kwashaya uvalo ngezwa sengathi ngikhishwa yisisu. Ngiyakuthanda nami mntanomuntu bengisakugadlisa kungathi angizweli nje bengisalalele izagila zakho zingishaya enhkiziyweni. Awekho amade sengiyobona ngawe sesiphuma usungilethele amanzi ngomile sthandwa sami uyinsizwa uqobo". Yase igoqa yenza iphepha sengathi yibhanoyi landiza emoyeni ikhono elalidlisa kwabasha ngokuqonda ngqo kumninilo. Ngesikhathi ejikijela kanti uthisha wesifundo sangaleso sikhathi uyangena. Wakibona kahle ibhanoyi liyothi cababa phezu kwedesk likamfo kaZwane nokuyisesheli sentombi. " Zwane ngaze ngawuthanda umsebenzi wezandla mfana wami awuthi ngibone" Lwalungafakwa kuthish" Duma isibhaxu kuyisimbambamba kodwa kuhamba namahlaya. Waphiqeleka athathe ibhanoyi angalazi alihambise kuDuma wafika walibuka kancane uthisha wayesecela yena belu uZwane afundele iklasi lonke. Unele angaqeda yaqhuma insini eklasini! Wayeka nje uDuma bazitika ngohleko baze bakgathala abafundi waqala ngombuzo kanje! Zwane ungaxoxela kabanzi iklasi ukuthi lencwadi ingani isukaphi njengoba isezandleni zakho nje?" wankwankwaza umfana kuxube injabulo yokuthi lesiphalaphala sentimbi ugcine eyigobe uphondo phakathi kwezimbangi ezingaka! Kodwa khona lapho kunendumalo yokuthi imfihlo yakhe ivele kabuhlungu kanje kuthisha ayemsaba kanye nabafundi abesebefile yinsini! Manje kwakukuhle impela ukungabhalwa kwegama lomuntu evela kuye naye wayezophika athi akamazi. Kwakwanele ukuthi alithwale yedwa icala asindise isithandwa sakhe. Kwathi noma eseshawa ezinqeni wala waphethaukudalula imvelaphi yephepha ethi kungenzeka ukuthi abafundi nje abathanda ukumfaka otakwini bebona kungena uthisha. Washawa baze bayiqedela ehovisi likathishimkhulu. Kuthe sekuphuma isikole wabona ngalentombi ihamba nomfo kaSibiya beza baqonda ngqo kuyena bathi " Cha mfo kaZwane ubeyindoda kwabonakala ukuthi welusile uyinsizwa ziphelele. Siyaxolisa ukuthi iphepha liwele edeskini lakho bekungenhloso. Yilelithatha lengane yakaMhlongo ebone uthisha yaphonsa mawala. Yobe nkunzi"

0 votes
Comments (0)

No comments yet. Be the first to comment!



Related posts
Loading related posts...