John

Ithiwani into uma inje

John • 12 Aug 16 10h39

Bathakathi,ngihlala nomama wakwami nestep daughter esina 9 years,indodana yami ena7 months,nosisi kamama wakwami. Ngyazi nizongsiza ningichushise bathakathi kulenkinga. Usisi lo unenkinga yokuzithanda yena uqobo but ikamelo alala kulo nondodakazi hay ungafihla inyoka inkosi impela akubunuku kuyafiwa. Sengikhulume ngakhathala nodadewabo ukuthi akamtshele aclean phela ikamelo. Izinwele ngacela bangazenzeli endlini bazenzele egalaji ukuze indlu ingagcini isigcwele izonwele zabo zokuthengwa since kukhona nengane encane edla noma yini ehlangana nayo kodwa hay kufana nokuthi umnumzane ubezisuzela nje kunhlanga zimuka... Inkinga ke uma ngizama ukumtshela lo wakwami ukuthi akatshele phela udadewabo afunde ukuhlanza umuzi wami kumane kube sengathi ngiyancikisela nomuzi wami abemuncu isonto lonke. Ngiyenzenjani into enje bathakathi aningicebiseni...

0 votes
Comments (0)

No comments yet. Be the first to comment!



Related posts
Loading related posts...