John

Izehlo

John • 27 May 16 17h38

Kubusy impela abantu bayaphuma bayangena, ikhishi nebar kungaphansi kwengcindezi kodwa ukudla neziphuzo kuyaphuma. Umsebenzi wami ke ukuqinisekisa ukuthi amakhasimende athokozile futhi anethezekile, ngiya etafuleni ngalinye ngibuze futhi ngixoxe nje namakhasimende ngokudla nangempilo nje. Table 100 kunosisi nje uhleli yedwa uphuza iwayini elimhlophe udla inhlanzi well ngibuze unjani nokuthi usakahle na avume abonge futhi. Kuhambe iskhathi ngibizwe uweta othile athi angiphiphuthume kutable 100 mangifika usisi angibuze ngenzani mangiphuma nokuthi ngiphuma nini, ngimtshele ukuthi ngo 15h00 ngiyashayisa and ngizohlangana nabangani ePlush for iphuzo. Igama lalosisi uKim, athi kimi uvakashile from PE uze kwikhonsathi kaBabyface and unamathikithi. Ngithuke ngoba I am just an avarage guy nothing special, well ngivume acele inumber angitshele uhlala eAlbany Hotel. Kuthe ngingakaqedi neshift afone athi ngiyacela Mbuso dnt let me down.After my shift ended angibange ngisaya ePlush vele ngiphuthume ekhaya ngigeze ngishintshe ngiqonde eAlbany Hotel, ngifone ngimtshele sengifikile aqhamuke eseshintshile, egqoke kahle futhi esenuka kamnandi. Ngifonele icab yithi laba sibheke eMoses Mabhida. Ngaphambi kokuthi siyohlala phansi ngithi ngithenga iphuzo athi ucela ngithenge nje 1 drink ngoba unabo eHotel room yakhe. Iqale ke ikhonsathi kubemnandi kuthi emva kukaToni Braxton iphele sighambe. Endleleni athi angingakhohlwa ukuthi uthe uneziphuzo eroomini lakhe, nempela sibabele khona.Room 205 singene in no time sasesiqabulana...to be continued

0 votes
Comments (0)

No comments yet. Be the first to comment!



Related posts
Loading related posts...